I-Al Ahly ‘izolinga’ iSundowns ngesihlabani sayo
Akuyona imfihlo ukuthi uTeboho Mokoena usehehe amehlo amaqembu ase-Europe kanti ne-Al Ahly yase-Egypt kuvela ukuthi izimisele ngampela ngaye.
Ngemuva kwe-Afcon, kubikwe ukuthi kukhona amaqembu adlala kwi-English Premier League nakwiFrench Ligue 1 afuna lo mdlali.
UMokoena ujoyine iMamelodi Sundowns ngoJanuwari ka-2022, ephuma kwiSuperSport United.
Ngaphambi kokuthi ajoyine amaBrazilians, ubemataniswa neKaizer Chiefs.
Kusukela efikile kwiSundowns, uMokoena usephenduke insika kuyona.
Izinga lakhe likhulu kakhulu ngaphansi komqeqeshi uRulani Mokwena.
Kusukela efikile kuleli qembu, usenqobe izicoco ezintathu zeligi, iMTN8, iNedbank Cup ne-African Football League Cup.
NawkiBafana Bafana kaHugo Broos uMokoena ungumdlali obaluleke kakhulu.
Njengoba uMokoena edlale kahle kwiBafana ngesikhathi se-Afcon, akumangazi ukuthi usephenduke inyama emaqenjini ehlukene.
Elinye lamaqembu anentshisekelo abukeka lingasuki i-Al Ahly.
Ngokubika kweKickOff.com banohlelo lokulinga iSundowns ngewindi elilandelayo lokuhwebelana ngabadlali.
“Njengoba kungenzeka i-Al Ahly ithole izizumbulu zemali uma seyidayisa umdlali waseMali, u-Aliou Dieng eSaudi Arabia, izobheka ukuvala isikhala sakhe ngoTeboho Mokoena…
“UDieng (26) ufunwa amaqembu aseQatar naseSaudi Arabia, lapho i-Ahly ingase ithole imali ephakathi kuka-R55-million kuya ku-R110 million.
“Okuzotholwa yi-Ahly ngokudayiswa kukaDieng akungabazeki ukuthi yimali engenza iSundowns ibalalele.
Uma ubheka imali ekhishwe yiSundowns ekulandeni abadlali muva nje – ikakhulukazi uMarcelo Allende – ayinqeni ukukhokha ebalelwa ku–R74 million.
Nokho akubonakali kuzoba lula ukuthi iSundowns idayisele i-Al Ahly uMokoena ngaphambi kweNdebe kweFifa Club World Cup engonyaka ozayo.
ISundowns ingelinye lamaqembu azobe edlala kulo mqhudelwano ozoba namaqembu angu-24 okokuqala ngqa.
FUNDA NALA: Ziyelekana izihibe kuJohnson onengcindezi kwiChiefs
Kodwa kuvela ukuthi i-Al Ahly izovela izozama ukuzilinga lezi zimbangi zayo zakwiCaf Champions League.