EzakamuvaIbhola

IRoyal AM necebo elisha lokulwa ekaNurkovic

Alfred Ngubane

Ibukeka isazoba inzukazikeyi indaba yokukhokhelwa kukaSamir Nurkovic yiRoyal AM njengoba kuvela ukuthi leli qembu alizimisele ukukwenza lokho. 

IRoyal AM yayalelwa yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa ukuba ikhokhele lo mgadli imali ebalelwa kuR12-million. 

Lokhu kwakulandela ukuthi itholwe inecala lokungahambisi kahle ngesikhathi imxosha kusaphele izinyanga ezintathu imsayinile. 

Nangemuva komyalelo weFifa, iRoyal AM yenqaba ukumkhokhela. Yabe seyihlawuliswa ngokubi ivinjwe ekusayineni abadlali kuze kube iyayikhokha le mali. 

Kodwa leli qembu lesiqumama esidumile saseThekwini, uShauwn “MaMkhize” Mkhize lanquma ukuludlulisela phambili udaba lwayo. 

Yakhala ngokuthi iFifa yalalela uhlangothi lukaSamir Nurkovic kuphela kuloku daba, ayangalunaka olwayo. 

Yabe seyilifaka enkantolo yamacala ezemidlalo, iCourt of Arbitration for Sport ifuna kuguqulwe isinqumo seFifa. 

Kodwa nayo le nkantolo iyichithile iRoyal AM, yathi isinqumo seFifa sifanele futhi leli qembu kumele lenze lokhu elikuyalelwe. 

Kuke kwavela ukuthi uMaMkhize usezimisele ukumkhokhela lo mdlali ukuze adlule kulolu daba, futhi akwazi ukuqinisa iqembu lakhe. 

Kodwa ke okuvela kamuva wukuthi uyobe unenhlanhla engandele bani uSamir Nurkovic uma eyitholile le mali ngoba abaphathi beRoyal AM basazimisele ukuyilwa le ndaba yakhe. 

“UMaMkhize uthi ngeke amkhokhele… Kunalokho uthi uzophokophela phambili ukulwa nokuthi agcine engamkhokhelanga uSamir Nurkovic. 

“Into asebeyilwa manje yile yokuthi lo mdlali akakhulumanga iqiniso ngokulimala afika nakho ngesikhathi bemsayina nengoba kuvela ukuthi akulapheki nje.

“Yilelo ke manje icebo asebezoyilwa ngalo le mpi yabo,” kusho umthombo osondelene naleli qembu elizinze eMhgungundlovu. 

Izindaba zokuthi lokhu kulimala kwalo mgadli odabuka eTurkey akulapheki zike zavela emavikini ambalwa edlule kodwa zabuye zathalaliswa. 

Imenenja yakhe yazikhaba ngazo zombili. Zavela ngesikhathi echithwa yiCape Town City abejima nayo ngenhloso yokuthi imsayine. 

AbeCity benqaba ukwanda ngokuthi uchithelweni, bathi abaqeqeshi abenelisekanga ngaye. 

Lo mgadli, owazakhela igama kwiKaizer Chiefs la ayevutah engabaselwe khona, useke wayozama nakwiRaja Casablanca eMorocco. 

FUNDA NALA: Uxhaso lwenkampani yaphesheya kwiMamelodi Sundowns

Bekungakaveli ke ukuthi khona wahamba kanjani. Okwamanje nje kodwa kubukeka sengathi kumele ayikhohlwe le mali ayibheke kwiRoyal AM.