Ibhola

Umqeqeshi weChiefs usafuna umgadli azoNabisa ngaye amaqembu

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, useveze ukuthi usafuna umgadli azoNabisa ngaye amaqembu ngesizini entsha yeBetway Premiership.

Amakhosi azama ukuqinisa iqembu njengoba kuzoqala isizini entsha. IChiefs seyisayinise unozinti uFiacre Ntwari, obedlalela iTS Galaxy, uBongani Sam ovela kwi-Orlando Pirates, uRushwin Dortley, obekwiCape Town Spurs FC, u-Inacio Miguel, uGaston Sirino, osuka kwiMamelodi Sundowns, uBradley Cross noNjabulo Blom, obolekiswe yiSt Louis FC edlala kwiMLS.

Nokho kuyavela ukuthi uNabi akakaqedi ukusayinisa abadlali futhi newindi lisamvumela njengoba lizovalwa ekupheleni kukaSepthemba.

“Isikwati sethu sinabadlali abaningi abahle. Kodwa angicabangi ukuthi yiso lesi isikwati sethu sokugcina. Sisazama ukuthola abanye abadlali abasha,” kusho uNabi.

“Iqembu elikhulu njengeKaizer Chiefs lidinga abadlali abasezingeni eliphezulu kuyona yonke indawo. Emuva, esiswini naphambili. Uyazi kulula ukuthola umdlali wasemuva konokuthola umgadli.

“Uma ufuna abadlali abasezingeni eliphezulu kumele uthathe isikhathi sakho. Siyaqhubeka sinabasebenzi nekomiti ukubheka abadlali.”

Kunabagadli abambalwa bangaphandle abamataniswa neChiefs. Kukhona nabadlali beChiefs okuvela ukuthi bangase babolekiswe ukuze kuphendleke indawo yabangase bafike. Kubona kubalwa noChristopher Saile.