ElasePitoli libangisa iChiefs kunozinti ozovala esikaKhune
IKaizer Chiefs kuzomele izibambe ziqine futhi ibeke into ebhekile etafuleni njengoba sekukhona amaqembu ayibangisayo kunozonti weRichards Bay, uSalim Magoola.
Lo mdlali odabuka e-Uganda ubhekwe eNaturena lapho bebheke khona ukuqinisa uphiko lonozinti njengoba kulindeleke u-Itumeleng Khune ayeke ukudlala.
INatal Rich Boyz sekuvele ukuthi ayinankinga ngokudayisa lo mdlali oneminyaka engu-27 eqenjini elizofika nemali ebhekile.
Abasondelene nalo mdlali bathi abamphethe bafuna aye kuMakhosi eNaturena, kodwa konke kulele ekutheni leli qmebu lona limisa kanjani.
UMagoola osedlale imidlalo engu-24 yeligi kule sizini kanti kuvela ukuthi neSuperSport United neChippa United baconsa amathe uma bembuka.
Ngokombiko wePhakaaathi, umthombo osondelene nalo mdlali usuveze ukuthi kunombango ongase usuke emaqenjini eDStv Premiership ngalo mdlali.
“Akusiyona iChiefs kuphela ikilabhu elandela uSalim futhi sizobona ukuthi konke kuhamba kanjani ekupheleni kwesizini.
“Umdlali uncamela ukuya kwiChiefs ngoba iyiqembu elikhulu kodwa iSuperSport neChippa nabo bayamfuna,” kuqinisekisa umthombo.
“Khumbula ukuthi iChippa kulindeleke ukuthi idayise uStanley Nwabali futhi ibona uSalim njengomuntu ongafike ayivale indawo yakhe.
FUNDA NALA: Asecacile abanga ezokuhlunga kwiChampionship
“URicardo (Goss) naye uzoshiya kwiSuperSport abuyele kwiSundowns, yingakho besefuna omunye unozinti.”