EzakamuvaIbhola

Uvusa uhlevane umbango wesicoco kwi-EPL

Kuminyene utshumo kwilogi ye-English Premier League (EPL) njengoba kuzosongwa isizini ka-2023/2024 ngempelasonto.

Kuzoze kucace ngoMgqibelo ukuthi isicoco siya ngakuphi, uma sekudlalwa imidlalo yokugcina ye-EPL.

Amaqembu abhekiwe manje yi-Arsenal neManchester City, ngoba ngokwezibalo iLiverpool seyiphumile embangweni wesicoco seligi.

IGunners neCitizens bayinqobile imidlalo yabo ngempelasonto, nokwenza umbango wokudla ubhedu lwesicoco uvuleleke kuwona womabili amaqembu.

NgoMgqibelo iCity izigcine embangweni wesicoco ngokubhudluza iFulham ngo 4-0.

Lokhu kwenza zonke izinto zibe sezandleni zayo iCity, ngaphambi kwemidlalo yokugcina ngoMgqibelo.

Leli qembu linamaphuzu angu-85 emidlalweni engu-36. Lizodlala neTottenham Hotspur ngoLwesibili, kanti ukunqoba kuzolenza liye esicongweni ngamaphuzu angu-88.

Uma izinto ziyihambela kanje iCity izoya ukuyobhekana neWest Ham kowokugcina, idinga iphuzu elilodwa ukuze inqobe isicoco, kungakhathelekile ukuthi kwenzekani kwi-Arsenal.

IGunners ishaye iManchester United ngo 1-0 ngeSonto, ukuqinisekisa ukuthi isekhona embangweni wesicoco.

Njengamanje i-Arsenal isesicongweni ngamaphuzu angu-86. Okuningi akukho ezandleni zayo kodwa konke kuzocaca ngoMgqibelo.

Okungenza i-Arsenal ihlale ngokukhululeka esicongweni, ukushaywa kweCity uma seyibhekene neSpurs ngoLwesibili.

Lokho kungasho ukuthi idinga ukunqoba umdlalo wayo ne-Everton ngoMgqibelo, ukuze ibe ngompetha beligi.

Ngabe siya ngakuphi isicoco se-EPL kulokhu? Konke kuzocaca bha ngoMgqibelo ngo-7 ebusuku uma sekusongwe imidlalo yokugcina.

Yonke imidlalo ye-EPL izoqala ngo-5 ngoMgqibelo njengoba kubalwa ikhethini.