EzakamuvaIbhola

Buyaqhubeka ubuxhimfixhimfi kuSead Ramovic noMokwena

Impi yokungcofana eqhubekayo phakathi komqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic nozakwabo weMamelodi Sundowns ngenye yezinto ezihehe amehlo ngale sizini. 

Njalo uma lamaqembu ezohlangana, nangemuva komdlalo kusuke kunesiqiseko sokuthi kukhona okuzoshiwo okuzokushiya ubambe ongezansi. 

Esiqeshini sakamuva, umqeqeshi weSundowns, uRulani Mokwena wasola uSead Ramovic ngokuthuma abadlali bakhe ukuthi baziphindiselele kuBongani Zungu. 

UZungu – owalimaza kabuhlungu uBernard Parker ngesizini edlule – naye uphume ngohlaka emdlalweni walamaqembu wakamuva. 

Manje, ekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe neCape Town City, uSead Ramovic uphinde wagadla kuMokwena owamsola ngokuthanda ukunakwa. 

Uqale encoma ithimba elimsizayo ekuqeqesheni iRockets ngomsebenzi omuhle abawenzile kule sizini. 

“Kumele ngincome kakhulu ithimba lami lonke engiqeqesha nalo,” kusho lo mqeqeshi kwabezindaba. 

“Mina ngiyingxenyana nje encane, angikudingi lokhu kunakwa okungafani nothile owathi mina ngithanda ukunakwa.

“Angikuthandi ukunakwa ngoba ngadlala kumaligi aphezulu kanti yena ngicabanga ukuthi wadlala i-badminton.”

Kuyaziwa ke ukuthi uMokwena uqeqesha nje yena akazange alidlale ibhola ezingeni elikhokhelayo futhi washeshe wangena ekuqeqeshi. 

Uqhube wathi yena ufisa kube ngabadlali bakhe abathola ukunakwa ngoba badlala kahle kakhulu. 

“Mina anginandaba naleyonto ukuthi nje ngifuna abadlali bami nabo banakwe ngoba babe nesizini enhle kakhulu. 

“Baziphatha kahle kakhulu futhi lokho bakukhombisa nsukuzonke kuze kube manje.

“Futhi ngicabanga ukuthi sidlala ibhola elihle kunawo wonke amaqembu kule ligi, uma sikhuluma iqiniso nje. 

“Vele ke isikhala sokuthuthuka sihlezi sikhona kodwa ngobekulindeleke kithi ngicabanga ukuthi senza okungaphezulu.

“Ngiyacabanga ekuqaleni kwesizini akekho obesibona silwela ukuqeda emaqenjini amahlanu aphezulu kwiligi.”