EzakamuvaIbhola

Lovers Mohlala: ‘Kunomdlali ophethe amarekhodi ePSL owapheka iminyaka’

SIHLE NGUBO

ULovers Mohlala, owayedlalela iMamelodi Sundowns neBidvest Wits, uyavuma ukuthi wayipheka iminyaka yakhe ngesikhathi engena ebholeni, futhi akayedwa kulokhu.

Lo mkhuba wokushintsha iminyaka ebholeni yinto ebiyinsakavukela eminyakeni edlule eNingizimu Afrika.

Abaningi bebesebenzisa iminyaka yabafana bakubo abancane kunabo, noma izihlobo, ukuze kungabonakali ukuthi iminyaka seyihambile kubona.

Inkinga beyiba lapho umdlali eselimala eneminyaka engu-30 ngokwe-ID yakhe, kodwa angabe esephola ngoba iminyaka yakhe yangempela isuke ingu-35 noma ngaphezulu.

UMohlala bekwaziwa ukuthi igama lakhe langempela uJethro kodwa uyakucacisa ukuthi lokho kuyinto engekho.

“ULovers yigama lami langempela hhayi uJethro… uJethro Mohlala kwakungumzala wami,” kusho uMohlala ekhuluma kwiRadio2000 noThabiso Mosia.

“Ngasebenzisa isitifiketi sakhe ngesikhathi ngiqala ukudlala ibhola. Nokho umehluko weminyaka yethu awumkhulu kakhulu.

“Ngezikhathi zethu akumina ngedwa engangenza lokhu. Abadlali abaningi babesebenzisa izitifiketi zabanye abantu.”

Lo mkhuba sewuthanda ukwehla manje ngoba abadlali bafakwa kwi-database yeSafa besadlala emazingeni aphansi kakhulu.

Akubi lula ukushintsha iminyaka uma wawusebenzise isitifiketi sakho esiqondile usadlala ko-Under 13/15.

“Ngesikhathi ngiya e-England u-anti wami wayecabanga ukuthi ngizoyikha ngamahalavu imali, wase engimpimpa emaphepheni ukuthi ngangisebenzisa igama lomunye umuntu,” kuqhuba uMohlala.

“Ngisho umqeqeshi uFloyd Mogale wangiceba kwiWits. Kwakubuhlungu ngoba ungomunye wabantu ababesigqugquzela ukuthi senze le nto.

“Kodwa le nto yayingeyintsha. Yaqala ezikoleni nasemaqenjini asemalokishini.

“Mina nomzala sasishiyana ngezinyanga eziyishumi kodwa ngiyabazi abantu abapheka iminyaka ngeminingi kakhulu.

“Omunye wabo unamarekhodi athile awaphethe kwiPSL.”

Ngesikhathi kudlula emhlabeni owayengunozinti we-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa ngo-2014, kwavela ukuthi iminyaka yakhe ayilingani neyewele lakhe elashona ngo-1993.

Ethubeni lewele likaMeyiwa kwakubhalwe ukuthi lazalwa ngoJanuwari 24 ngo-1984. Lokhu kwakushayisana nokuthi lo nozinti weBafana Bafana owabulawa, wazalwa ngo-1987.

UMeyiwa ukhule elingana ncamashi no-Itumeleng Khune obevimbela iKaizer Chiefs iminyaka eminingi, waze wayeka ngesizini edlule.

Bebedlala ezigabeni ezifanayo besebancane, futhi bagcine bedlalela iPirates, iChiefs neBafana ngesikhathi esifanayo.

Iminyaka kaKhune iveza ukuthi wazalwa ngoJuni 20 ngo-1987. Akwaziwa ukuthi uMohlala uqonde bani uma ethi kunomdlali ophethe amarekhodi ePSL kuyimanje, ongomunye wabapheka iminyaka.

UKhune kuyaziwa ukuthi uphethe amarekhodi amaningi amahle awenze edlalela iChiefs kusukela emncane.

Omunye umdlali ongabalwa ngamarekhodi uSiyabonga “Bhele” Nomvete, okusaliwa nokuthi kuficwe amagoli awashaya kwiPSL angu-129.