UKhanye ugqugquzela oweBucs ukuthi aye phesheya
SIHLE NGUBO
Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uJunior Khanye, uthi i-Orlando Pirates akumele ime endleleni kaRelebohile Mofokeng ebheke phesheya.
UMofokeng ungomunye wabadlali abasebancane abathathe amehlo abantu abaningi abathanda ibhola eNingizimu Afrika ngesizini edlule. Useke wabizwa ngisho kwiBafana Bafana.
Sekuvelile ukuthi kukhona amaqembu aphesheya achazekile yindlela adlala ngayo uMofokeng. Nokho abanye bathi njengoba eseneminyaka engu-19 kuphela, kumele ahlale okungasenani isizini eyodwa kwiBucs.
UKhanye akaboni kanjalo. Uthe ayikho into okumele ilindwe yilo mdlali onekhono uma ekhona amaqembu anginayo phesheya.
“Lo mfana waseBrazil u-Endrick, eminyakeni engu-17, 18 usayine kwiReal Madrid, esuka eqenjini laseBrazil,” kusho uKhanye kwiDiski TV.
“Uma bekwazi ukumsayinisa kuleyo minyaka, kungani uMofokeng engeke aye phesheya eneminyaka engu-19?
“U-Endrick uye eSpain ukuyodlalela elinye lamaqembu ahamba phambili emhlabeni. Umfana akadedelwe ahambe, akukho okubi ngalokho.
UMofokeng unethuba lokunqoba umklomelo iDStv Premiership Young Player of the Season ngempelasonto, emcimbini wokuklomelisa abenze kahle ngesizini esanda kusongwa. Ubanga lo mklomelo no-Ime Okon benoShandre Campbell beSuperSport United.
“Uma ehlala eNingizimu Afrika uzolandela ezinyathelweni zenqwaba yabadlali abangakwazanga ukuya phesheya ngenxa yepolitiki,” kuqhuba uKhanye.
“Bagcine beyizilomo kwiDStv Premiership kuphela ekubeni bebengadlala noma yikuphi emhlabeni, kodwa kwangenzeka ngenxa yepolitiki.
“Ngakho umfana akahambe ngoba lokhu kuzosiza yena nezwe lonke ngokunjalo.”