EzakamuvaIbhola

UMngqithi uphendula abamhleka ngokuhlala kwakhe kwiDowns

UManqoba Mngqithi akazange alokhu ecasha ngesithupha kodwa waziphendulela uma ebuzwa ngokuthi ngabe wubugwala bokusaba ukuzimela ngayedwana yini obumhlakise kwiMamelodi Sundowns.

Eminyakeni embalwa edlule, uMngqithi uthole ithuba lokungena esikhundleni sokuba ngumqeqeshi kuleli qembu ngesikhathi uPitso Mosimane eshiya. 

Nokho esikhundleni sokuthatha lo msebenzi, wacela ukuba bawenze ngokubambisana nonoRulani Mokwena ababengamaphini kaMosimane naye.

Ngesizini edlule kube noshintsho uMokwena enikwe owokuba ngumqeqeshi omkhulu, uMngqithi wehliselwa kwesephini. 

Bese kufike noSteve Komphela ngalose sikhathi eyiphini lesibili. Kodwa yena usheshe washenza njengoba esekwiMoroka Swallows nje manje. .

“Umbuzo wakho usuthi … Kodwa engingakusho kuqala, siphila emhlabeni lapho kunenkululeko yokukhuluma futhi wonke umuntu unelungelo lokusho akufunayo,”kusho uMngqithi ngoLwesine.

“Uma ukhumbula kahle ngangingomunye wabaqeqeshi abancane kunabo bonke kwiligi (yeDStv Premiership) futhi lalililodw aiqembu elidlala esigabeni esiphezulu ngaleso sikhathi, kuyiGolden Arrows.

“Wonke amaqembu ayeciwa abaqeqeshi abanamava ngaleso sikhathi futhi bebezitshela ukuthi bangcono kunami ngaleso sikhathi kodwa bagawulwa yizembe.

“Mina ngakwazi ukuyibamba iGolden Arrows ngaze ngazishiyela mina eqenjini.

“Ngakho-ke, uma ngikulesi sigaba somsebenzi wami abantu bacabanga ukuthi ngiyesaba ukuhamba, ngisendaweni yokunethezeka nakho konke lokho… 

“Kuhle ukuthi umuntu acabange noma yini afisa ukuyicabanga. Uma ungumqeqeshi ufuna ukuphumelela, kubalulekile ukuba nenhliziyo enkulu. 

FUNDA NALA: Ziphekwa ngomhluzi wenye izindebe kwiPSL

“Ngoba uma ulalela ukuthi wonke umuntu uthini ngawe, ungagcina sewukhohliwe okumele ukwenze.”