EzakamuvaIbhola

Abadlali beChiefs abazinuke amakhwapha bese bawageze ngokushesha

SIHLE NGUBO 

Abadlali beKaizer Chiefs kumele bazinuke amakhwapha baphinde bazame ngakho konke okusemandleni ukuvikela umqeqeshi uNasreddine Nabi.

Kuphinde kwayisimo esejwayelekile kule sizini lapho iChiefs ishaywe yiCityzens ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eDHL Cape Town Stadium, eKapa, ngeSonto ntambama.

Kulo mdlalo iChiefs iyona ebiphethe umdlalo futhi bekumele ziye ekhefini seyihamba phambili okungasenani ngegoli elilodwa.

Nokho ziye ekhefini kungu 0-0 kodwa bekubukeka sengathi ngesiwombe sesibili iChiefs izolishaya nakanjani igoli, uma kubhekwa amathuba ebiwakha.

Kunalokho kuvele kwaba yiCityzens eshaye igoli ngomzuzu ka-51, ngenxa yokuthi iChiefs ibisihlasela yonke kwasala kungavaliwe emuva.

Ngemuva komdlalo kuvele ukuthi iChiefs yakhe amathuba okushaya amagoli angu-17 kodwa yagcina ishayiwe kulo mdlalo.

Sekuyinto ejwayelekile le yokuthi Amakhosi aphathe umdlalo, akhe amathuba okushaya amagoli amaningi kuneqembu asuke edlala nalo kodwa dololo ukunqoba umdlalo.

Ngesikhathi iChiefs ishaywa yiPolokwane City ngo 2-0 umdlalo wawuphethwe iyona. ICity yayithola amathuba ngamaphutha ayo iChiefs bese iyoshaya igoli.

Ibhekene neTS Galaxy kwakuyisimo esifana ncamashi lapho iChiefs yakha khona inqwaba yamathuba kodwa umdlalo wagcina uphele ngo 1-1. Nalapho iChiefs igoli yalithola ekugcineni.

Nangesikhathi iChiefs inqoba ngo 1-0 kwiChippa United yakha inqwaba yamathuba okushaya amagoli. Kodwa ekugcineni yase ibamba iyeka futhi kwala kancane ukuthi iChilli Boys igcine ilitholile igoli lokulinganisa.

Ngemuva kokushaywa yiCityzens uNabi ukubalulile ukuthi banenkinga kakhulu ekutheni abadlali bathatha izinqumo okungeyizo uma sebesendaweni eyingozi yezitha.

Kubukeka kunenkinga yokuthi umdlali akazi ukuthi kumele akhahlele nini noma aphase ibhola ukuze ekugcineni kungene igoli.

Ngokusho kukaNabi bayazama ukulungisa le nkinga ejimini. Nokho ngosuku lomdlalo konke kusuke kulele kubadlali ngoba yibona abasuke besenkundleni.