Ezakamuva

Umqeqeshi weDowns ukhala ngokungazwelwa yiPSL

SIHLE NGUBO

Yize iMamelodi Sundowns ibukeka ivukile emaqandeni kulezi zinsuku, kodwa kukhona okungehli kahle kumqeqeshi wayo uMiguel Cardoso.

Abafana Ba’Style basendaweni yesibili kwilogi yeBetway Premiership, kulandela ukushaya i-Orbit College ngo 2-0 emdlalweni weligi, e-Olympia Park Stadium, ngoLwesibili ebusuku.

ISundowns ibiwadinga kakhulu amaphuzu njengoba isembangweni wesicoco seligi, osubukeka uphakathi kwayo ne-Orlando Pirates.

La maqembu abukeka esazofakelana ingcindezi njengoba iPirates ishaye iRichards Bay FC ngo 2-0, emdlalweni weBetway Premiership, e-Orlando Amstel Arena, ngoLwesithathu ebusuku.

Lokhu kunqoba kubuyisele eZimnyama esicongweni kodwa ziyalingana ngamaphuzu neDowns.

Nokho okungaphethe kahle uCardoso ukuthi iSundowns idlaliswe umdlalo weligi ngoLwesibili, ekubeni inomdlalo obalulekile weCAF Champions League, ngoLwesihlanu.

Leli qembu laseChloorkop lizokwamukela iStade Malien, yaseMali, emdlalweni we-quarterfinal yeChampions League, eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesihlanu.

UCardoso akakwazanga ukuzibamba ngemuva komdlalo wezakhe ne-Orbit College.

“Ngicabanga ukuthi namuhla usuku olumnyama ebholeni laseNingizimu Afrika,” kusho uCardoso kwiSuperSport TV.

“Asijabulile nakancane ngesimo esibekwe kusona. Kucacile.

“Ngicabanga ukuthi eNingizimu Afrika akekho okumele adlale umdlalo weChampions League kodwa adlale umdlalo weChampionship (iligi) ezinsukwini ezintathu ngaphambi kwalokho

“Ngicabanga ukuthi lena yinto iNingizimu Afrika okumele icabange ngayo.

“Wonke umuntu kumele anikwe ithuba lokuphumelela uma emele izwe ezingeni lomhlaba, kodwa thina asinikwa leso sibusiso.”

Lo mqeqeshi wasePortugal unengcindezi enkulu yokunqoba iChampions League emphuthe kancane ngesizini edlule.

ISundowns ishaywe yiPyramids SC yase-Egypt kowamanqamu weChampions League, kwagxekwa yena uCardoso ngokushiya abadlali abathile ngaphandle.

Ukungayinqobi iChampions League kulokhu, kungabeka umsebenzi kaCardoso engcupheni, noma angasinqoba isicoco seligi.