IKaizer Chiefs nesimemezelo esimqoka ngoKhune
Njengoba ikilabhu ihlose ukubonga abalandeli ngoyeseka kwabo ngokuqeda isizini ngegiya eliphezulu, abalandeli beKaizer Chiefs banesinye isizathu esihle sokuthutheleka e-FNB Stadium ngoMgqibelo.
IKaizer Chiefs izodlala umdlalo wayo wasekhaya wokugcina kule sizini uma seyibhekene nePolokwane City kule nkundla ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
Kodwa ngaphezu kokuthi umdlalo wasekhaya wokugcina, iChiefs izophinde ibonge unozinti wayo u-Itumeleng Khune osehlale iminyaka engu-25 kuleli qembu.
“UKhune, oyinkakha yebhola laseNingizimu Afrika, ube yinsika yokuqina kwiKaizer Chiefs iminyaka engaphezu kwamashumi amabili,” kubhala leli qembu esitatimendeni.
“Wafika esemncane esuka eVentersdorp, eNorth West, ngo-1999. UKhune uqale enkulisa yeKaizer Chiefs ngaphambi kokukhushulelwa eqenjini elikhulu ekuqaleni kwesizini ka-2004/05.
“UKhune wahlala iminyaka emihlanu edlala ezinhlakeni zokuthuthukisa abadlali kanti kumanje ukwisizini yakhe ka-20 eqopha umlando eqenjini elikhulu.”
Leli qembu, elihamba phambili ngobuningi babalandeli ebholeni lakuleli, linxenxe abalandeli ukuthi baphume ngobuningi ukuzobonga nokuvalelisa kuKhune.
“Kukhuthazwa abalandeli baseGauteng nabasuka ezindaweni ezikude abangakwazi ukufika ngobuningi babo bezokhombisa ukubonga amagalelo kaKhune…
FUNDA NALA: ILion of Judah iyazamula, ilambele iChampions League
“Umdlalo nePolokwane City ngeke ube nje wumdlalo omqoka kwiKaizer Chiefs, njengoba unamaphuzu amathathu amqoka, kodwa uzophinde ube ngumzuzu obuhlungu kubalandeli wokubungaza umsebenzi wengqalabutho yangempela.”
Nokho leli qemnbu alivezanga ukuthi ngabe lokhu kusho ukuthi lo nozinti, oneminyaka engu-36, useqagaxa emgibeni amagilavu akhe.
Nokuthi uyashiya yini eqenjini noma uzonikwa esinye isikhundla cishe sekozwakala ngalo usuku lomdlalo ngoMgqibelo.