CAF Champions LeagueEzakamuva

ILion of Judah iyazamula, ilambele iChampions League

UPercy “Lion of Judah” Tau usekubheke ngabomvu ukunqoba enye iCaf Champions League nezinkunzi zase-Egypt, i-Al Ahly.

EzikaTau zizobhekana ne-Esperance yaseTunisia kowamanqamu weCaf Champions League.

La maqembu azodudulana eTunisia ngoMgqibelo, kanti umlenze wesibili useCairo ngoMeyi 25.

“Kubaluleke kakhulu (ukunqoba lendebe). Yinto enkulu kakhulu kimi,” ucashunwe esho kanje uTau kwi-African Football. 

“Ngingajabula ukuba yingxenye yomlando wale kilabhu ukuze inqobe kulokhu. 

“Kuzobe kuwumdlalo wami wesithathu wamanqamu kulandelana futhi ngifuna ukujabula ekupheleni komdlalo.” 

Lona umdlalo wamanqamu weCaf Champions League wesithathu kaTau kulandelana kusukela ajoyina i-Ahly.

Ewudlala okokuqala, wahluleka ukubuya nendondo njengoba behlulwa yiWydad Casablanca ngesizini ka-2021/22.

Nokho bawaphendulile amatafula ngesizini edlule, beshaya yona belu iWydad kowamanqamu. 

U-Lion of Judah usanda kuqokwa njengomdlali wonyaka esigabeni sabesilisa kumaCosafa Awards. 

Lokhu kulandela ukwenza kahle kwakhe esiza i-Al Ahly ukunqoba kwiChampions League.

Ngaphezu kwalokho, wasebenza nangesikhathi leli qembu liqeda endaweni yesithathu kwiFifa Club World Cup ngonyaka odlule.