Ngabe iChiefs izobasayinisa abathanda amambawu?
SIHLE NGUBO
Abadlali abazifela ngamankwebevu, uSipho Mbule obekwiMamelodi Sundowns noRicardo Goss ovimbela iSuperSport United, kuvela bangase bajoyine iKaizer Chiefs njengoba kuzoqala isizini entsha.
UMbule ubebolekiswe kwiSekhukhune United kodwa kuphele isizini engasadlali kuleli qembu.
Kuvele ukuthi ufike ejimini edakiwe kanti vele kuyaziwa ukuthi uyahlupha ngokuthanda kakhulu utshwala.
Uke wakwenza lokhu esakwiSundowns nokuholele ukuthi amiswe yiqembu beno-Andile Jali.
Inkontileka kaMbule iyaphela ekupheleni kukaJuni kanti kuvela ukuthi iSundowns ngeke isayivuselela.
I-agent kaMbule uMike Makaab iveze ukuthi lo mdlali bamzamela indawo kwiChiefs njengoba engenaqembu kusukela ngokuphela kukaJuni.
“Ngicela ukucacisa lokhu. USipho Mbule simdedele ezandleni zeKaizer Chiefs,” kusho uMakaab kwi-X.
“Kukulona iqembu ukuthi lithathe isinqumo futhi kumele sisihloniphe leso sinqumo.”
UMbule alingatshazwa ikhono lakhe ebholeni kodwa uhlupha ngezinto azenza ngaphandle kwenkundla.
IChiefs iyamdinga unozinti futhi kuvela ukuthi izama ukuthola uGoss no-Ime Okon, odlala emuva kwiSuperSport.
Leli qembu laseNaturena lingase linike iSuperSport u-Edson Castillo noFiacre Ntwari ongunozinti, ukuze lithole uGoss no-Okon.
Naye uGoss kunamahlebezi okuthi uyazifela ngamambawu kodwa uyazama ukuziphatha kahle uma esemsebenzini.
IChiefs Ike yaba nenkinga yabadlali abathanda utshwala kumasizini edlule yaze yabakhomba indlela.
Kulabo badlali kubalwa uDumisani Zuma, ogcine eye kuMaZulu FC nakhona wahlupha ngotshwala, noSiphelele Ntshangase.
Akwaziwa ukuthi Amakhosi azoqunga yini asayinise uMbule noGoss njengoba baziwa ukuthi bayazifela ngezikaFaro, yize lingangatshazwa ikhono labo.
Omunye umdlali ongenaqembu ngemuva kokudedelwa yiSundowns uRivaldo Coetzee. Inkinga enkulu kaCoetzee ukuthi ulimala njalo.

