EzakamuvaiDStv Premiership

Ngabe iTS Galaxy ingaqeda ‘ngobuntombi’ beSundowns?

I-TS Galaxy izovala isizini yeDStv Premiership ka-2023/2024 ikwiTop 8 okokuqala ngqa emlandweni wayo.

Leli qembu likaTim Sukazi liyibambe endaweni yesine kwilogi yeDStv Premiership, kulandela ukunqoba kwi-Orlando Pirates ngo 1-0 eMbombela Stadium, ngoMgqibelo.

IRockets seyivele ihlanganise amaphuzu amaningi kunawo wonke eyake yaba nawo selokhu yafika kwiPremiership. Inamaphuzu angu-43 kanti isalelwe yimidlalo emibili.

NgoLwesibili leli qembu, eliqeqeshwa uSead Ramovic, lizobhekana nompetha beligi, iMamelodi Sundowns, kowePremiership eMbombela Stadium, ngo-7.30 ebusuku.

IRockets inerekhodi elihle kakhulu uma idlalela ekhaya kule sizini, nokuchaza ukuthi inethuba lokuthola umphumela omuhle uma isibhekene neSundowns.

Uma ingaphumelela ukunqoba kuBafana Ba’Style, izoba yiqembu lokuqala ukwenza lokho kule sizini. ISundowns ayiyazi induku ngemuva kwemidlalo engu-28 yeligi kule sizini.

Empeleni iSundowns seyihlanganise imidlalo engu-51 ingakaze ishaywe, ngaphansi komqeqeshi uRulani Mokwena.

Lo mqeqeshi uyagcizelela ukuthi “sisenezinto zethu okumele sizifeze ngakho sizodlala ngokuzimisela kuze kube sekugcineni.”

Lokhu kuchaza ukuthi iSundowns ayizimisele ngokushaywa kule sizini, ngakho uma iRockets yenza lokho iyobe iyiphazamisile kulokho efuna ukukufeza.

Mayelana nokuthi sebehlanganise amaphuzu angu-72, bephula irekhodi labo, uTashreeq Matthews uthe basafuna okungaphezulu.

“Yinto enkulu kakhulu kithina kodwa sinethuba lokukuqhuba lokhu, silephule kakhulu irekhodi,” kusho uMatthews.

“Sinemidlalo emibili esele. Umdlalo olandelayo sizowudlala neTS Galaxy ukuthatha amaphuzu angu-72 siwase ku-75.

“Emdlalweni wokugcina ngempelasonto sizodlala neCape Town City, lapho sinethuba lokwandisa amaphuzu abe ngu-78.

“Kumnandi ukuthi siqopha amarekhodi amasha njengamanje kodwa sinalo ithuba lokukuqhuba kuyena phambili lokhu.”

Sekuyocaca ngoLwesibili ebusuku ukuthi iRockets ngabe iyisoka elingaqeda yini ‘ngobuntombi’ beSundowns, noma leli qembu laseChloorkop kuzoqhubeka nokuqopha irekhodi elisha.