Kuvela isizathu sokungadlali kwabadlali abasha beChiefs koweStellies
SIHLE NGUBO
Kugqame ukungabonakali kwabadlali abathile abasha beKaizer Chiefs ngesikhathi ibhekene neStellenbosch FC emdlalweni weBetway Premiership, e-Athlone Stadium, eKapa ngeSonto.
Amakhosi ayivule kahle imidlalo yeligi eshaya iStellenbosch ngo 2-0 kulo mdlalo.
Amagoli eChiefs ashaywe uNkosingiphile Ngcobo, okube yi-free kick, noGlody Lilepo okube yiphenathi.
Abadlali abasha abaqale umdlalo uThabiso Monyane, obekwi-Orlando Pirates, noNaledi Hlongwane osuka kwiDStv Diski Challenge (DDC).
UNkanyiso Shinga, u-Ethan Chislett, uFlavio da Silva noPaseka Mako, bebengekho ngisho ebhentshini, nokushiye abalandeli nemibuzo eminingi.
“Abanye babadlali abekho esikwatini sabangu-20 ngenxa yokuthi kusenamaphepha adinga ukulungiswa ngaphambi kokuthi bakwazi ukudlala kwiPSL,” kusho iChiefs kwi-website yayo.
UMako kuvela ukuthi uphuke ingalo ngesikhathi iqembu linemidlalo yokulungiselela isizini eNetherlands.
Umqeqeshi uNasreddine Nabi kudingeke aphuthume eTunisia ngokushesha kulandela ingozi yemoto ethinta unkosikazi wakhe, ngakho naye ubengekho eKapa.
Ebhentshini laMakhosi bekuhleli iphini lokuqala uKhalil Ben Youssef nelesibili uCedric Kaze, okuyibona abebehola iqembu.
Umdlali wasophondweni uPule Mmodi ubengekho ngoba esadonsa isigwebo sekhadi elibomvu sangesizini edlule.
Unozinti uBruce Bavuma akekho ngenxa yokulimala kanjalo noRushwin Dortley noGiven Msimango, osekunezinyanga ezimbalwa bengadlali.
IChiefs izobhekana nePolokwane City emdlalweni wesibili wePremiership, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.
Bese kungokwesine kulandelana iChiefs ishaya iStellenbosch kuyona yonke imiqhudelwano.

