UScotty unozinti weMan City oholela ukuzilolonga nayo
SIHLE NGUBO
Abalandeli bebhola abaningi abamazi nhlobo unozinti wesithathu weManchester City, uScott Carson, oneminyaka engu-38.
Ngeke bagxekwe kakhulu labo abangamazi ngoba ukuvimba kwiCityzens yinto angayenzi lo nozinti.
UCarson usanda kwelula inkontileka yakhe ngonyaka neMan City, nokuchaza ukuthi uzoba khona kuze kube sekupheleni kwesizini ka-2024/2025, kuleli qembu elingompetha be-English Premier League (EPL) ka-2023/2024.
Lo nozinti useqenjini ngoba kunomthetho othi kumele iqembu libe nabadlali abayisishiyagalombili abakhuliswe e-England. UCarson uvutshelwe enkulisa yeLeeds United, nokumenza akwazi ukuvala lesi sikhala kwiCityzens.
Kumasizini amahlanu edlule uScotty usadlale imidlalo emibili kuphela yeMan City, futhi nayo kwakungeyobungani. Usadlale imizuzu engu-107 kuphela.
Uyingxenye yeqembu futhi kuvela ukuthi uhola u-30 000 pounds ngesonto, yize engekho nhlobo amathuba okuthi angaphinde abonakale ezintini zeMan City empilweni yakhe.
Unozinti lona engathathwa njengomuntu onomsebenzi omnandi kunabo bonke abantu emhlabeni, futhi ongakhathazeki ngalutho nje empilweni yakhe.
“Ngibheke enye isizini njengengxenye yalesi sikwati esihle kangaka seMan City,” kusho uCarson ngemuva kokusayina inkontileka entsha.
“Zonke izinsuku ngisebenza kanzima ukufunda okuthile kuPep, uXabi Mancisidor nabanye abadlali abasezingeni eliphezulu.
“Ngiyethemba ngizoqhubeka nokusiza onozinti bashaye into ecokeme njengoba sizama ukuthola ezinye izindebe.”
UScotty wondla umndeni wakhe ngokuthi nje uzijimela nompetha beligi yase-England, azi kahle ukuthi awekho amathuba okudlala kuyena.
Uyogaxa amagilavu akhe emgibeni emgibeni mhlawumbe esadlale imidlalo emibili kuphela kwiCityzens, eminyakeni eminingi eseqenjini, yilokho ayokuzekela abazukulu bakhe.
Nokho okubalulekile nokumnandi ngoScotty, ukuthi nangesizini ezayo uzobe esenawo umsebenzi, ‘edlalela’ iqembu eliqoqa izindebe ebholeni lase-England.
ICityzens inethuba lokunqoba enye indebe njengoba izobhekana neManchester United emdlalweni wamanqamu weFA Cup, eWembley Stadium, ngoMgqibelo.
FUNDA NALA:Â USukazi uphawula ngamahlebezi amatanisa uRamovic neChiefs
Uma kwenzeka lokho uScotty uyozibala ukuthi wayeyingxenye yeqembu ngesikhathi lidla isicoco seligi, lase leleka ngeseFA Cup ngo-2024.