‘Angiyena uNkulunkulu mina,’ kusho uJohnson ngesimo seChiefs
Umqeqeshi wesikhashana weKaizer Chiefs, uCavin Johnson, uthi “uNkulunkulu kuphela” owaziyo ukuthi ngabe ukulimala nokumiswa kwabadlali yikho okuphazamise leli qembu kwisizini ka-2022/23 kwiDStv Premiership.
Nokho ngabaphathi baMakhosi abazonquma ukuthi uJohnson uzobe ekwiChiefs futhi enza muphi umsebenzi ngesizini ezayo, noma uzokhonjwa indlela.
UJohnson akakwazanga ukuguqula izinto kwiChiefs kule sizini, yize eqale kahle ngemuva kokuthatha izintambo ngesikhathi kuxoshwa uMolefi Ntseki ngo-Okthoba.
Izinto zibhimbe kakhulu ngo-2024, Amakhosi anqobe imidlalo emibili kuphela kuyo yonke imiqhudelwano.
Ukuhlulwa yiCape Town Spurs ebisivele idliwe yizembe ngoMgqibelo kukhiphe iChiefs kwiTop 8, yagcina ilale endaweni yeshumi kwiligi.
Lokhu kusho ukuthi iphuthelwe indawo kwiMTN8 ngesizini ezayo.
Lena yindawo embi kunazo zonke Chiefs esike yaqeda kuyo kusukela kwasungulwa iPremier Soccer League – phambilini ibiqede endaweni yesishiyagalolunye izikhathi ezintathu.
UJohnson ukuqinisekisile ukuthi uzokwethula isibuyekezo sesizini kubaphathi beqembu, kodwa mancane amathuba okuthi anikwe elinye ithuba lokulungisa azokuhlonza njengokubhedile.
“Angicabangi kanjalo,” kusho uJohnson etshela izintatheli ngemuva kokuhlulwa yiSpurs.
Ubebuzwe ukuthi ngabe ukulimala kwabadlali nokumiswa kwabanye kube namthelela muni eqenjini lakhe.
“Uma uqeqesha iChiefs, noma ngabe unabadlali abangu-18 noma abangu-35, kufanele bonke babe nokudingwa yiqembu.
“Kufanele bazi ukuthi leli bheji nesikhungo simayelana nani. Silinyalelwe kakhulu kule sizini,” kwengeza uJohnson.
“Ukuthi lokho kusithikameze kanjani… uNkulunkulu kuphela ongasitshela lokho. Angisiye uNkulunkulu mina.”
FUNDA NALA: URiveiro uveza ukubaluleka kukaMabasa, uncoma neSwallows
IChiefs kulindeleke imemezele umqeqeshi wayo omusha ngoJuni.