UPitso Mosimane uphumela obala ngokudliwa yizembe
SIHLE NGUBO
Uzwakalise ukudumala okukhulu ngokudliwa yizembe kweqembu lakhe umqeqeshi we-Abha Club yase-Saudi Arabia, uPitso “Jungles” ebidlala kwiSaudi Pro League.
EzikaMosimane zidliwe yi-Al Hazem, ebisivele igawulwe yizembe, ngo 2-1 emdlalweni wokugcina obekumele ziwunqobe nakanjani ukuze zisinde ezembeni, ngoMsombuluko.
Lokhu kushiya izikhulu zeqembu nomsebenzi wokuthi libuyela kanjani iqembu esigabeni esiphezulu, nokuthi uMosimane uzoqhubeka yini nokucija iqembu.
UMosimane ubesayine inkontileka yezinyanga ezine kuphela naleli qembu laseSaudi Arabia. Nokho akubukeki ezoya nalo ehlathini njengoba lidliwe yizembe.
“Kuphoxa kakhulu ukusondela (ekusindeni ezembeni) kodwa ugcine ungaphumelelanga ukuligwema,” kusho uMosimane esitatimendeni.
“Ngiyaziqhenya ngendlela abadlali ababhukule ngayo ngesikhathi sinenselelo, balwa kwaze kwaba sekugcineni.
“Ukuzinikela kwabo nezinhliziyo zabo bekukukhulu kakhulu. Yize singalifezanga iphupho lethu kodwa singaziqhenya ngemizamo nokuya phambili esikwenzile.”
UPitso Mosimane kuvela ukuthi maningi amaqembu amgaqele, kanti kuwona kubalwa iKaizer Chiefs, okulindeleke imemezele umqeqeshi omusha ngoJuni.
“Siyabonga kwibhodi ye-Abha Club, abaphathi beqembu, kanjalo nabalandeli,” kuqhuba uMosimane, owazakhela igama eqeqesha iMamelodi Sundowns.
“Babe yizinsika zeqembu kuyona yonke le sizini ebinezinselelo. Konke esikufunde kulokhu kuzosenza abaqeqeshi nabadlali abangcono.”
FUNDA NALA: Imali ‘esize’ iSundonws inqoba eseligi – Tinkler
ICameroon nayo kuyavela ukuthi imbhekile uMosimane, oke wayibamba kwi-Al Ahly, ukuthi azoqeqesha iqembu lesizwe lakhona.