EzakamuvaiDStv Premiership

IChiefs izibona ihlabene nongqondongqondo kuNabi

SIHLE NGUBO

UNasreddine Nabi, ongumqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, usayine inkontileka yeminyaka emibili neqembu, kanti angayivuselela ngonyaka uma kuvunyelwana.

Lokhu kuqinisekiswe yilona leli qembu laseNaturena esitatimendeni elisithumele abezindaba. IChiefs iphinde yaqinisekisa ukuthi uNabi uza namaphini akhe amabili uKhalil Ben Youssef, oyiphini lokuqala, noFernando Da Cruz, oyiphini lesibili.

“Ngemuva kwesikhathi eside nesikhathazayo, kusinika intokozo ukwamukela umqeqeshi wethu omusha kwiKaizer Chiefs,” kusho iSporting Director, uKaizer Motaung Jr.

“Sikholwa ukuthi sithole indoda okuyiyona ukuqinisekisa isifiso sethu sokubuyisela Amakhosi endaweni efanele, phezulu ebholeni. Siyamemukela uNabi nethimba lakhe labaqeqeshi, futhi sithembisa ubumbano nokusebenza ngokubambisana.”

Lo mqeqeshi waseTunisia uzofika namava amakhulu kwiChiefs njengoba eseqeqeshe amaqembu ahlonishwayo emazweni afana neLibya, iDR Congo,

yi-Egypt, iSudan, yi-UAE, iTanzania neMorocco. Usenqobe izicoco ezihlukene emazweni ehlukene ikakhulukazi zemidlalo yase-Afrika.

Phakathi kwezicoco asezinqobile kubalwa iCAF Confederation Cup, ayinqobe neFC Leopards yaseCongo. Lo mqeqeshi, oneminyaka engu-58 une-UEFA Pro coaching licence. Abanye abasethimbeni lakhe, umqeqeshi wonozinti, u-IIyes Mzoughi, noSafi Madji, okunguyena ozobe ejimisa abadlali.