Ezakamuva

UNtsundwana ubonge usihlalo iBay ihlala kwiPremiership

SIHLE NGUBO

Umgadli weRichards Bay FC, uSomila Ntsundwana, uthi amakhokho akhe okushaya amagoli ahlala eThekwini.

Usho lokhu ngemuva kokuthi iNatal Rich Boyz ishaye iBaroka FC ngo 4-0 emdlalweni wokuhlungela ukubuyela kwiDStv Premiership, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesithathu.

“Ngizamile ekuhambeni (ukushaya amagoli) sibhekene neTuks (i-University of Pretoria) neBaroka kodwa kwangavuma,” kusho uNtsundwana ngemuva komdlalo.

“Bekumele sishaye igoli kuqala. Ngesikhathi sesishaye amabili besazi ukuthi bazovuleka emuva befuna ukuhlasela.

“Angizange ngilale nhlobo ngaphambi kwalo mdlalo, abantu bengifisela okuhle. Akimina ngedwa, ngibonga ozakwethu, umqeqeshi nosihlalo ngokukholelwa kimina nokunginika ithuba.”

Ukunqoba kweBay kusho ukugcina indawo yayo kwiPremiership ngesizini ezayo. Leli qembu beliqede endaweni ka-15 kwilogi ngesizini esanda kusongwa.

Amaqembu aqale ageja oqekelele bamathuba womabili maphakathi nesiwombe sokuqala. Lokhu bekubukeka kuwakhathaza amabhentshi awo njengoba lona bekungumdlalo obaluleke kakhulu.

INatal Rich Boyz igcine ilitholile igoli lokuqala kanti lize noNtsundwana ngomzuzu ka-37. Ubethole iphasi enhle ebivela kuYanela Mbuthuma obesebhandishe idolo ngenxa yokulimala. 

Lo mgadli uchiphize izinyembezi zenjabulo ngemuva kokushaya leli goli. Ubeseshaya igoli lakhe lesibili kule midlalo yokuhlunga.

Ibuyile futhi iBay ngomzuzu ka-43 yashaywa igoli nokube yi-free kick ebekwe enethini uSanele Barns, kwacaca ukuthi konakele kwiBakgaga. UBarns ubesevalelisa kwiBay njengoba ezoya kwiStellenbosch FC.

Izamile ukucindezela iBaroka ngesiwombe sesibili kodwa langavuma igoli. Kunalokho kubuye uNtsundwana ngomzuzu ka-62 washaya igoli lesithathu leBay, kwaphela nya ngeBaroka.

Nokho ibingakaqedi iNatal Rich Boyz njengoba uLwandile Mabuya eshaye igoli lesine ngomzuzu ka-85, kwagqama ukuthi obani amadoda ePremiership naBafana beChampionship.