IChiefs ibamba iyeka okomuntu odle eyesitokofela ngomqeqeshi
SIHLE NGUBO
Amaqembu ayaziyo into ayenzayo ahlukane nabaqeqeshi ekupheleni kwesizini kodwa asevele amemezele ukuthi obani abazowahola ngesizini ezayo.
Kulawo maqembu kukhona iChelsea FC ehlukane noMauricio Pachittino kodwa seyivele ivumelene no-Enzo Maresca, obeqeqesha iLeicester City. Lo mqeqeshi uzoqala ukusebenza eStamford Bridge ngoJulayi 1.
Elinye iqembu elisheshe lacacisa yiBayern Munich, ephuthume yamemezela uVincent Kompany, obecija iBurnely, kulandela ukwehlukana noThomas Tuchel ekupheleni kwesizini.
ENaturena khona akutatazelwa yize baqala ukufuna umqeqeshi ezinyangeni eziyisikhombisa ezedlule. Iphelile isizini, kuyaziwa ukuthi ngeke esabuya uCavin Johnson, obebambile, kodwa kusathule cwaka ngokumenyezelwa komqeqeshi omusha kwiChiefs.
Leli qembu selimataniswe nenqwaba yabaqeqeshi, emasontweni ambalwa edlule, ukuthi likhuluma nabo. Kuvela igama likaPitso Mosimane, osanda kudliwa yizembe neqembu abelicija eSaudi Arabia, nelikaManqoba Mngqithi, okuvela ukuthi useze wasayina inkontileka entsha neMamelodi Sundowns.
Muva nje sekubuye amahemuhemu angonyaka odlule, ahlanganisa leli qembu nomqeqeshi waseTunisia, uNasreddine Nabo. Lo mqeqeshi wayebhekwe ukuthi athathe izintambo kuMakhosi ekuqaleni kwesizini edlule, kodwa kwavela ukuthi abavumelani ngokuthi eze nethimba lakhe labaqeqeshi.
Imibiko yakamuva (engaqinisekisiwe) ithi iChiefs noNabi sebeyavumelana ukuthi eze nethimba lakhe labaqeqeshi – umqeqeshi wonozinti nephini lomqeqeshi. Kuthiwa uma begcina bevumelana lo mqeqeshi uzoza nomgadli weYoung Africans SC, u-Aziz Ki.
Lo mgadli ushaye igoli elisuse umsindo ngesikhathi iqembu lakhe libhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni we-quarterfinal yeCaf Champions League.
Wonke la mahlebezi ashiya abalandeli beChiefs bengazi ukuthi yikona kuphi okumele bakulindele ngeqembu labo, emasontweni amabili ezayo. Abacacisi abantwana bakaMotaung – okunguKaizer Motaung Junior, uBobby Motaung noJessica Motaung.