IBafana Bafana ‘ilale emaweni’ ishoda ngendiza
SIHLE NGUBO
Umdlalo weBafana Bafana neNigeria uhlale uvusa umbango, ukuklolodelana nokufuna ukugqamisa ukuthi yiliphi izwe elingcono ngokukanobhutshuzwayo e-Afrika.
La mazwe azotholana phezulu emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba eGodswill Akpabio International Stadium, ngoLwesihlanu ngo-9 ebusuku.
Kuvele sekusukile ukukhuluma njengoba kuvela ukuthi iBafana Bafana ishaye isikhala esikhumuleni sezindiza, yachitha ubusuku ePort Harcourt, ngoba ifike iVictor Attah International Airport isivaliwe, yangakwazi ukuthola indiza.
Kushayisa amakhala nokho ukuvalwa kwesikhumula sezindiza, okwaziwa ukuthi yindawo okusetshenzwa kuyona amahora angu-24, kuwona wonke umhlaba. Nokho akwethusi lokhu uma kubhekwa umlando wempatho etholwa amaqembu ebhola aseNingizimu Afrika, uma eyodlala enhla ne-Afrika.
IMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates bangabhala umqingqo wencwadi ngokuhlukumezeka asebeke bakuthola enhla ne-Afrika uma beyodlala kwiCaf Champions League.
IBafana igcine ukubhekana neNigeria emdlalweni owandulela owamanqamu weCaf Africa Cup of Nations, e-Ivory Coast ekuqaleni konyaka. Lo mdlalo waphela ngo 1-1 emizuzwini engu-120, kwanqoba iNigeria ngo 4-2 sekukhahlelwa amaphenathi.
Nakanjani umdlalo wamagqubu lo futhi womabili amaqembu afuna amaphuzu amathathu. Ngemuva kwalo mdlalo iBafana izobhekana neZimbabwe eBloemfontein ngoLwesibili.