Ezokusubatha

Kugiye uWiersma noSteyn kwiComrades Marathon

SIHLE NGUBO

Usuleke izinyembezi umgijimi waseNetherlands, uPiet Wiersma, onqobe iComrades Marathon ka-2024, eMgungundlovu, ngeSonto ekuseni.

Lo mgijimi uphuke inhliziyo ngonyaka odlule ngesikhathi eshiywa kancane uTete Dijana okunguyena odle umhlanganiso nyakenye.”Lokhu kuzoshintsha zonke izinto kimina,” kusho lo mgijimi oneminyaka engu-26.

“Bengazi ukuthi ngisesimeni esihle ngenxa yendlela ebengiziqeqesha ngayo. Konke kuzoshintsha manje empilweni yami.”Yize lo mgijimi ehlulekile ukwephula irekhodi kodwa kufanele ukuthi uthobeke amanxeba ngokunqoba nonyaka kulandela ukuphoxeka nyakenye.

Ube ngumgijimi ka-12 wangaphandle kwaseNingizimu Afrika ukunqoba iComrades Marathon, kanti ubesengoka-78 kwabesilisa ukunqoba lo mjaho.Kwabesifazane kuphinde kwakhonya uGerda Steyn obesenqoba lo mjaho okwesithathu. Unqobe ngo-2019 nango-2023.

USteyn ubejaha ukwephula irekhodi lakhe lango-2019 aliqopha kubhekwe khona eMgungundlovu. Uliphoqozile leli rekhodi lakhe uSteyn obe ngowesifazane wesihlanu ukunqoba iComrades Marathon kathathu.

“Ngiswele amazwi. Ngithanda ukubonga wonke umuntu ongesekile ukuze nginqobe lo mjaho,” kusho uSteyn.

“Ngesikhathi sekusele amakhilomitha amabili ngicabange ukuthi kuzomele ngihlabe ngejubane ukuze ngephule irekhodi. Ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukulephula irekhodi.”

Lo mgijimi uthe usebheke ukuyomela iNingizimu Afrika kuma-Olympic ngo-Agasti, eParis, eFrance.