UNabi kuyomele ayekwe enabe thwishi, akhululeke kwiChiefs
SIHLE NGUBO
Isimemezelo esibhekwe ngabomvu njengoba sekugoqwe isizini yeDStv Premiership ka-2023/2024, esomqeqeshi omusha weKaizer Chiefs.
Imibiko yakamuva iveza ukuthi leli qembu laseNaturena selivumelene noNasreddine Nabi waseTunisia, osaqedela isizini yakhe neFAR Rabat, yaseMorocco.
Lo mqeqeshi bekumele athathe izintambo kuMakhosi ekuqaleni kwesizini edlule kodwa kwaba khona ukungavumelani nokuthi eze nethimba lakhe labaqeqeshi. Nokho lokho kuthiwa kuvunyelwene ngakho manje, futhi uNabi uzomenyezelwa maduze eNaturena.
UNabi ubenqobe isicoco seligi neYanga SC yaseTunisia ngesikhathi iChiefs isho amashushu ngokumsayinisa. Amakhosi agcine eqashe uMolefi Ntseki ohlale izinsuku ezingu-114 kuphela kuleli qembu, wakhonjwa eza ngayo.
Kube sekunikwa uCavin Johnson ithuba njengomqeqeshi obambile kodwa naye wehluleka wancama, kwaze kwaphela isizini kungacaci nhlobo ukuthi wenzani. Lo mqeqeshi ubeze ezwakale sengathi usephelelwe amaqhinga uma ekhuluma ngemuva komdlalo, iChiefs seyiphinde yashaywa noma yadlala ngokulingana.
Manje yisikhathi sokukhuculula nokwakha kabusha kwiChiefs. Njengoba uNabi ezofika nethimba lakhe labaqeqeshi kubukeka kuzophela umsebenzi kuDillon Sheppard, obeyiphini lomqeqeshi, uJohnson owafika ezoba yinhloko yenkulisa no-Aubrey Mathiba, obengumqeqeshi wonozinti.
UNabi kumele anikwe ithuba lokwakha kabusha iqembu aphinde azibhekele abadlali azosebenzisana nabo. Mhlawumbe bekungakuhle futhi ukuthi iChiefs ingaqali ibaxoshe abadlali ecabanga ukuthi ayibadingi, inike uNabi ithuba lokubabona bese athathe isinqumo ngabadingayo nangabadingi.
Lo mqeqeshi kuzodingeka iChiefs imyeke enze umsebenzi wakhe ngendlela yakhe, uma izimisele ngokubuyisa izinsuku zenjabulo eNaturena.
UNabi akayekwe enabe, ajwayele athi thwishi eNaturena. Mhlawumbe kuyophela izinyanga ezine sekucaca ukuthi uhlanganisani. Shwiii!