AmaProteas aqhubekile nokugwema induku eshaya i-England
SIHLE NGUBO
Iphinde yawina sekuvalwe amehlo iNingizimu Afrika ngesikhathi ishaya i-England ngama-run ayisikhombisa emdlalweni weSuper 8 weT20 yeNdebe yoMhlaba, eDarren Sammy National Cricket Stadium, ngoLwesihlanu.
Ukunqoba kwamaProteas kuchaza ukuthi awakashaywa nakowodwa emidlalweni eyisithupha eyidlalile kulo mqhudelwano.
AmaProteas abhethe kuqala kulo mdlalo enza kahle kakhulu. Kunesikhathi lapho iqembu lakuleli belina 73/0 kwacaca ukuthi lingase lihlanganise ama-run amaningi.
Nokho i-England ibuyile yacindezela yathatha amawikhethi kaReeza Hendricks, uQuinton de Kock (65) noHeinrich Klaasen, kwacaca ukuthi akuhambi kahle kumaProteas.
Nokho uyibambile uDavid Miller waphuma eseshaye ama-run angu-43. Ohlangothini lwe-England bekubhoke uJopra Archer ogcine othathe amawikhethi amathathu.
Ephendula amaNgisi awaqalanga kahle empintshwe abashwibi bamaProteas. UKagiso Rabada uthathe iwikhethi kaPhillip Salt kwaba nzima kakhulu kwi-England.
UKeshiv Maharaj ushwibe kahle kakhulu enza 2/25. Umdlali obe nenkani kwi-England uHarry Brook ohlanganise ama-run angu-53. Ugcine ekhishwe u-Anrich Nortje.
URabada uqede enamawikhethi kulandela ukuthatha ebalulekile kaLiam Livingston (33) obesemuka nawo amaProteas, elishaya ibhola. Emdlalweni olandelayo iNingizimu Afrika izobhekana neWest Indies ngoMsombuluko.