iDStv Premiership

INatal Rich Boyz isavunwa yisimo kweyokuhlunga

SIHLE NGUBO

IRichards Bay FC inethuba elingcono lokugcina indawo yayo kwiDStv Premiership njengoba sekudlalwe imidlalo yokuhlunga emithathu.

Leli qembu, eliqeqeshwa uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, seliqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili eliyidlalile. INatal Rich Boyz iqale ngokushaya i-University of Pretoria ngo 1-0, yase ilandelisa ngokubambana neBaroka FC ngo 0-0.

Emdlalweni wokuqala amaTuks ashaye iBaroka ngo 1-0 nokwenza ukuthi iNatal Rich Boyz ihlale esicongweni kwilogi yamaqembu amathathu.

Emdlalweni olandelayo kuzobhekana iBaroka neTuks eGlobal Stadium, ngoLwesithathu ngo-3 ntambama. Ukunqoba kweBaroka kulowo mdlalo kungabeka iBay ebuhleni kakhulu kunakuqala.

I-Bay kumele ingavumi ukushaywa uma seyidlala ne-University of Pretoria ekuhambeni noMgqibelo. Lokho kuyokwenza iye emdlalweni wokugcina neBaroka ingenayo ingcindezi enkulu ngoJuni 19.

Ngesizini edlule iqembu laKwaZulu-Natal, iMaritzburg United, lidlale imidlalo yokuhlunga. Ngebhadi leli qembu ligcine lishone kwiMotsepe Foundation Championship, kwanyuka iCape Town Spurs.

Sekuyinto eyaziwayo ukuthi i-Urban Warriors nayo iphindele emuva kulandela ukwehluleka ukuyibamba ishisa kwiPremiership. Ngemuva kwalokho leli qembu laseKapa lihlukane nobengumqeqeshi u-Ernst Middendorp.