iNdebe yoMhlaba

IBafana kumele inqobe ihloniphe uShabba

SIHLE NGUBO

IBafana Bafana kuzomele izame ukuhlonipha uSiphiwe “Shabba” Tshabalala, ngokunqoba umdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ezowudlala neZimbabwe, eToyota Stadium, eBloemfontein ngoLwesibili ngo-6 ntambama.

UJuni 11 wango-2010, uyohlale ukhunjulwa ngegoli elihle elashaywa uShaba iBafana ibhekene neMexico emdlalweni wokuvula weNdebe yoMhlaba, eNingizimu Afrika, eFNB Stadium.

Kwakungokokuqala ukuthi iNdebe yoMhlaba isingathwe yizwe lase-Afrika futhi namanje isathathwa njengeyaba yimpumelelo kakhulu. Ngemuva kweminyaka engu-14 leli goli likaShabba lisakhunjulwa umhlaba wonke.

“Lelo goli layishintsha impilo yami. Kuyiphupho lanoma yimuphi umdlali ukuba yingxenye yeNdebe yoMhlaba. Nami kwakuyiphupho lami, ngangiphupha ngakho sonke isikhathi,” kusho uTshabalala kwiGauteng News ngasekuqaleni konyaka.

“Ngiyakhumbula ngesikhathi kumenyezelwa ukuthi iNdebe yoMhlaba izokuba seNingizimu Afrika. Ngangihleli nomngani wami, ngamtshela ukuthi ngiyobe ngidlala futhi ngiyolishaya igoli,” kukhumbula uTshabalala odume kakhulu kwiKaizer Chiefs.

“Ngangilokhu ngiqhubeka nokusebenza kanzima nokubeka emqondweni lelo phupho lami… ngesikhathi sekwenzeka kwakungeve kuziqondanele nje.

“Kwakuyinto eyayizokwenzeka. Kwakungifanele ngoba ngakusebenzela kanzima.”

NgoLwesibili iBafana kuzodingeka isebenze kanzima ukuze inqobe kwiZimbabwe. Lokhu kungayibeka esicongweni kwilogi kaGroup C.