IZinyoni zingase ziphinde zinyamalale kwiPremiership
SIHLE NGUBO
Kungase kuphinde kuphele ngeMoroka Swallows esigabeni esiphezulu, iDStv Premiership, njengoba kuvela ukuthi abaphathi beMarumo Gallants basemizameni yokuyithenga.
Ngokwemibiko eputshuka kwi-X, iGallants izimisele ngokuthenga isitifiketi seSwallows ukuze ubuyele lapho kunoju khona kwiPremiership. Uma kuphumelela lokho iZinyoni zizoshintshwa igama bese zifudukela eBloemfontein. Akungabazeki ukuthi lokhu kuzobabulala izinhliziyo abalandeli beSwallows, abebesajabulela ukuthi ayidliwanga yizembe ekupheleni kwesizini esanda kusongwa.
IZinyoni bezinenkinga yemali ngesizini edlule, kwaze kwabona bonke abantu eNingizimu Afrika. NgoDisemba iSwallows ihlulekile ukuya emidlalweni emibili yeligi, ebizoyidlala neMamelodi Sundowns kanjalo neLamontville Golden Arrows, ngokulandelana.
Lokhu kuyiqhathe nolaka lwePremier Soccer (PSL) eyihlawulise u-R1million kwalengiswa u-R600 000, yaphinde yaphucwa amaphuzu ayisithupha, ngokudicilela phansi isithunzi sale nhlangano.
Ngemuva kwalokho ziqhubekile izinkinga kwiSwallows kwaze kwaxoshwa inqwaba yabadlali. Abanye bagcine bebuyile kodwa ngemuva kwalokho iZinyoni zahlukana nomqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela, osecija i-Arrows.
Bese kubanjwa kuyekwa esidlekeni seZinyoni kangangoba ibisibalwa namaqembu abelengelwa yizembe. Nokho kugcine kuthe gidi kubalandeli bayo ngemuva kokuthi izembe lidle iCape Town Spurs, lase lishovela iRichards Bay FC kweyokuhlunga.
IGallants iqede endaweni ka-11 kwilogi yeMotsope Foundation Championship ngesizini edlule. Leli qembu lidlalela imidlalo yasekhaya eBloemfontein.