UBroos usemi noTau yize egxekwa abalandeli
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, usaqhubeka nokuvikela uPercy Tau we-Al Ahly, abalandeli abashaya amakhala ngendlela adlala ngayo eqenjini lesizwe.
Lo mdlali usegxekwe kakhulu selokhu adlala ibhola elingagculisi kwi-Africa Cup of Nations, e-Ivory Coast, ekuqaleni konyaka. Abalandeli bakhala ngokuthi uTau akazimiseli kwiBafana njengoba enza eqenjini lakhe i-Al Ahly.
“Bengingazi kodwa kukhona othile ongetshelile ngoMsombuluko, ukuthi abantu abaneme ngendlela adlale ngayo uPercy sibhekene neNigeria,” kusho uBroos eToyota Stadium.
IBafana izobhekana neZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, eToyota Stadium, eBloemfontein, ngoLwesibili ngo-6 ntambama. Iya kulo mdlalo inethuba lokuqhwakela kwilogi uma inqoba.
NgoMsombuluko iNigeria ishaywe yiBenin ngo 2-1. Lokhu kwenze izinto zavuleleka kuGroup C ngaphambi kwemidlalo yangoLwesibili. Komunye umdlalo kuzotholana phezulu iLesotho neRwanda, eMoses Mabhida Stadium, kulona leli qoqo.
“Wagxekwa kakhulu kwi-Afcon ngendlela ayedlala ngayo. Ngicabanga wonke umuntu umcindeza kakhulu uPercy,” kuqhuba uBroos.
“Ngake ngakusho lokhu phambilini. Mhlawumbe kwakungeyona indlela eqondile kodwa ngeke wenze uPercy umdlali okunguyena onquma umdlalo.”