Ezakamuva

UBroos uveze ukuthi yini abeyithume uMorena benqoba kwiZim

SIHLE NGUBO

Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Brook, uveze ukuthi ubemthumele ukuthi ayokwenzani uThapelo Morena, ngemuva kokushaya omakhelwane iZimbabwe ngo 3-1 emdlalweni wokuhlunga eFree State Stadium, eBloemfontein, ngoLwesibili ebusuku.

Iqembu lakuleli belikudinga kakhulu ukunqoba lo mdlalo kulandela ukubambana neNigeria ngo 1-1 emdlalweni obungoLwesihlanu ekuhambeni.

Kube ukungena kukaMorena okushintshe izinto, iBafana yaqinisekisa ukuthi ihamba namaphuzu amathathu abalulekile.

“Sizithole sithanda ukudideka ngoba umdlalo siwuqale kahle kakhulu emizuzwini emibili yokuqala kodwa izinto zabuye zashintsha,” kusho uBroos ekhuluma neSABC Sport ngemuva komdlalo.

“Bekumele sikulungise lokho ngesikhathi sekhefu. Ngesiwombe sesibili bese kuyiNingizimu Afrika ehluke kakhulu.

“Ngitshele uMorena ukuthi abheke izikhala ngemuva kukanozinti, nokuyinto ayenze kahle.”

Umdlalo uqale ngesivinini ebesingalindelwe njengoba kungene amagoli amabili emizuzwini emibili yokuqala.

IZimbabwe yenze iphutha emuva u-Iqraam Rayners walibeka phakathi ngomzuzu wokuqala. Nokho iWarriors isheshe yaphendula uTawanda Chirewa eshaya igoli lokulinganisa ngomzuzu wesibili.

Ngemuva kwalokho iBafana ithole inqwaba yamathuba okushaya amagoli kodwa yehluleka ukubeka ibhola enethini.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ikhiphe u-Elias Mokwana wafaka uMorena. Kube yisinqumo esihle leso njengoba uMorena eshaye igoli lesibili ngomzuzu ka-55.

Ubuyile futhi uMorena ngomzuzu ka-76 washaya igoli lesithathu, ngemuva kokuthola ubisi lwephasi ebivela kuTeboho Mokoena, adlala naye kwiMamelodi Sundowns.

UMorena ubeqala ukushaya igoli egqoke imibala yeBafana njengoba eqobele phakathi amabili ngoLwesibili. Kulo mdlalo ubokwe njengomdlali ovelele.

Ukunqoba kweBafana kuyenze yalingana ngamaphuzu ayisikhombisa neRwanda kanjalo neBenin. IRwanda ishaye iLesotho ngo 1-0 emdlalweni kaGroup C obuseMoses Mabhida Stadium, ngoLwesibili.