Kuvezwa usuku lokuqhatha azohlungana kweye-Afcon eseMorocco
SIHLE NGUBO
IConfederation of African Football (CAF) seyicacisile ukuthi azoqhathwa nini amazwe azodlala eyokuhlunga yeTotal Energies Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025.
Ukuqhathwa kwamaqembu azozama ukuzibekisela indawo eMorocco, ngonyaka ozayo, kuzokwenziwa ngoJulayi 4, eGoli. Lokhu kuzovezwa bukhoma kwiSuperSportTV ngo-2.30 ntambama.
Imidlalo izoqala ngoSepthemba 2024. Amaqembu ase-Afrika kuzomele ajime ngempela ngoba kusenemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026, ezoze iqhubeke ngoMashi wonyaka ozayo, ngemuva komzuliswano wakamuva.
Kuzokhumbuleka ukuthi iBafana Bafana yenze isizwe sajabula ngesikhathi ishaya iZimbabwe ngo 3-1 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba, eFree State Stadium, eBloemfontein ngoLwesibili.
Lokho kwenzeke kusajatshulelwa ukuthi iNigeria ishaywe yiBenin ngo 2-1 ngoMsombuluko, nokunike iBafana ithuba lokunwabela kahle kwilogi kaGroup C. Inamaphuzu ayisikhombisa manje, alinganayo naweBenin eqhwakele.
Indebe ye-Afcon igcine iqukulwe yi-Ivory Coast, okuyiyona ebengisikhaya, ngoFebhuwari nonyaka. Ishaye iNigeria kowamanqamu.