iDStv Premiership

UMajok wehlulwa yijoka loSuthu kade ethwelwe ngeqoma

SIHLE NGUBO

Ngesikhathi kufika umgadli waseSouth Sudan, u-Abraham Majok, kuMaZulu FC, kwakubatshazwa ikhono futhi kulindeleke lukhulu kuyena.

NgoJanuwari 27, unyaka kungu-2022, AmaZulu ethula uManyiek Abraham Makoj, ehambisana no-Abbubaker Mobara, esithangamini nabezindaba, eThekwini. UMobara wayevela kwiCape Town City, kanti uMajok wayekade esemabhukwini ePAEEK, eCyprus.

UBenni McCarthy, owayecija Usuthu ngaleso sikhathi, wayengawuvali umlomo ngalo mgadli “ngalokhu engisakubone uma siziqeqesha” ngesikhathi ekhuluma nabezindaba.

Nokho bakhona ababenza amancoko ngokuthi “ngisho esithombeni uyambona uBenni ukuthi akamfuni lo Majok wakhona “Sifikileke isikhathi sokuthi azibonakalise uMajok kodwa kwangacaca ukuthi yini abeyiphathele Usuthu – yalokhu iqhubeka imidlalo nokuhamba.

Ngemuva kwemidlalo embalwa kubukeke sengathi uBenni ubesengasayiboni kahle indaba kaMajok, wamgquma ebhentshini. Yiyo leyo midlalo emine kuphela (kuMaZulu) evela uma ubheka uMajok, owafika ethwelwe ngeqoma kuleli qembu laseThekwini. Alikho igoli ake walishaya waze wachithwa eqenjini.

Nokho lo mgadli ulitholile iqembu ngemuva kwalokho, i-Anagennisi Deryneia, yakhona eCyprus. Kuleli qembu udlale imidlalo engu-24, washaya amagoli amabili kuphela.

UMajok uchithwe Usuthu ngoJuni ka-2022. Kusobala ukuthi ijoka loSuthu limehlulile uMajok. Nomake kwakuzoba ngcono ukube wayenguMajoka ophelele, alithwale kangcono ijoka elihambisanq nengcindezi kuMaZulu?

Naba abanye babadlali abashiye Usuthu behambisana noMajok ngo-2022: UNeil Boshoff, uTapelo Xoki (ojoyine i-Orlando Pirates), uXola Mlambo, uPhilani Zulu, uLuvuyo Memela, uLimbikana Mzava, uTsepo Masilela, uKgotso Moleko, uThabo Qalinge, uSiphelele Mthembu noSiyethemba Sithebe (ojoyine iKaizer Chiefs)