Ngabe ‘iBM Emnyama’ yayishaya izidudla ithatha amashansi kwiChiefs?
SIHLE NGUBO
UCaleb Bimenyimana ufike kwiKaizer Chiefs kwaba nethemba lokuthi uzoxazulula inkinga ebinayo yokuhluleka ukushaya amagoli.
Lo mgadli waseBurundi uqale waziqeqesha isikhashana naMakhosi, ngaphambi kokuthi agcine esayine inkontileka yeminyaka emibili, nombandela wokuyivuselela ngonyaka, ngo-Agasti 18 onyakeni u-2022.
Kube nokukhulu ukukhuluma ngesikhathi lo mgadli eshaya amaphenathi amathathu emdlalweni owodwa, iChiefs ibhekene neStellenbosch FC. Kulowo mdlalo iChiefs yanqoba ngo 3-1.
Abanye babencoma bethi iChiefs ithole umgadli, kanti abanye babethi ‘iBM Emnyama’ yayibanjelwe nje. Nokho lo mgadli uqhubekile nokushaya amagoli waze wazihola phambili ngayisikhombisa ngo-2022.
Bekubukeka sengathi uyena obezohlenga umsebenzi ka-Arthur Zwane, njengoba iChiefs ibishisa ibuye ibande ngesizini ka-2022/2023.
Izinga lakhe belilokhu lehla emidlalweni kanti nokulimala bese kumhlasela. Konke lokhu kuholele etheni agcine engasadlali lo mgadli othinte abaningi ngendlela abejabula ngayo uma eshaye igoli.
Kuke kwaba nokudideka ngesikhathi ejabula egoqa njengeBhakabhaka ngemuva kokushaya igoli. Nokho uchazile ukuthi lokhu bekungahlangene nakancane ne-Orlando Pirates.
Ukungahambi kahle kwezinto phakathi kweChiefs noBimenyimana kuholele ekutheni kuhlukane inhloko nesingxanti ngo-Agasti nyakenye. Ube esejoyina i-Al Ahly Benghazhi yaseLibya, angahlalanga kuyona isikhathi eside.
“Bekuyisinqumo esinzima ukusithatha kodwa ngemuva kwakho konke obese kwenzekile bekufanele,” ubhale kanje kwi-instagram uBimenyimana eseshiya iChiefs.
“Umthandazo wami uphendulekile. Engingakusho ukuthi ngiyabonga Nkosi. Ngiyajabula ukukhululeka.”
Umbuzo omkhulu owokuthi, ngabe uBimenyimana kwakungumlilo wamaphepha noma iChiefs yenza iphutha ngokumdedela?