I-Pirates ifuna ukuvala esika-Ofori ngonozinti wangaphandle
SIHLE NGUBO
I-Orlando Pirates ibalwa namaqembu azimisele ngokusayinisa unozinti weChippa United neNigeria, uStanley Nwabali.
Leli qembu laseSoweto lisanda kuchitha abadlali abayisithupha, okukhona kubona unozinti uRichard Ofori waseGhana. Lokhu kuchaza ukuthi iBucs inaso isikhala somdlali wangaphandle.
Amahlebezi athi eZimnyama zimfuna eMayfair uNwabali ukuze azoncintisana noSipho Chaine benoMelusi Buthelezi ezintini. Njengamanje unozinti ovimba njalo kwiPirates uChaine.
UNwabali uzakhele igama kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoFebhuwari, lapho ebegqoka khona imibala yeSuper Eagles. Leli qembu lishaywe yi-Ivory Coast kowamanqamu we-Afcon, kwaphela kanjalo ngethemba lokunqoba indebe.
Bakhona nabanye abadlali abamataniswa nePirates okukhona kubona u-Oswin Appollis, wePolokwane City, u-Elias Mokwana, weSekhukhune United, u-Asanele Velebayi, weCape Town Spurs noStephen Aziz Ki, weYoung Africans.
U-Aziz Ki kunemibiko yokuthi usesayine inkontileka yesikhashana nePirates. Nokho ikhona nethi uma uNasreddine Nabi egcina eyoqeqesha iKaizer Chiefs, uzofika naye lo mgadli.
UNabi ubecija iYoung African ngesikhathi inqoba isicoco seligi eTunisia. U-Aziz Ki ubesebenza ngaphansi kwakhe lo mqeqeshi.