Ezakamuva

IChiefs inqabe ‘nomqeqeshi’ wayo efunwa yiChippa

SIHLE NGUBO

IKaizer Chiefs kuthiwa inqabe noBrandon Peterson efunwa yiChippa United, yathi akayi ndawo lo nozinti wayo.

Ngokusho komthombo iChilli Boys iye kwiChiefs yathi ayithathe uStanley Nwabali nomunye umdlali wayo, bese yona ibanike uPeterson.

“Angazi noma yimi yini odidekayo. Ngicabanga ukuthi uNwabali unozinti osezingeni eliphezulu kakhulu,” kusho umthombo.

“Bengicabanga ukuthi iChiefs iyona okumele idedele uPeterson bese ifaka imali ngaphezulu. Nokho inqabile nalo nozinti.”

UPeterson unyamanambana kubalandeli beChiefs njengoba enze inqwaba yamaphutha ngesizini edlule. Ngenxa yalokho ugcine esehlala ebhentshini sekuvimba uBruce Bvuma.

Kuphele isizini engasekho kwalapho ebhentshini ngemuva kokuthola ikhadi elibomvu. Phela ubesezenza umqeqeshi ekhuluma aze asukume aneke izandla ebhentshini. Ubesanda kusayina inkontileka yeminyaka emibili neChiefs.

IChiefs sekuke kwavela ukuthi izama ukuthola unozinti weRichards Bay FC, uSalim Magoola. Nokho leli qembu laseMhlathuze lisadlala imidlalo yokuhlunga iqembu elizoba elika-16 kwiDStv Premiership, ngakho izingxoxo akwaziwa zimi kuphi.

Ngaphandle kwalokho iChiefs isazomemezela umqeqeshi omusha, ngakho ukujaha ukusayinisa abadlali yinto yakamuva. IBay izobhekana ne-University of Pretoria emdlalweni wokuhlunga eTuks Stadium, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.