Umqeqeshi weChiefs ubalula inkinga ebhekene neqembu lakhe
SIHLE NGUBO
Iphini lomqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youseff, lithi liyazi banenkinga yokuqedela amathuba abawakhayo futhi bayazama ukuyilungisa.
Lo mqeqeshi usho lokhu ngemuva kokuthi iChiefs ibambane naMaZulu FC ngo 1-1 emdlalweni weBetway Premiership, obekumele iwunqobe, eFNB Stadium, ngoLwesithathu ebusuku.
“Ngijabule ngendlela abadlale ngayo abadlali. Sakhe amathuba amaningi,” kusho uBen Youssef kwiSuperSport TV ngemuva komdlalo.
“Sinenkinga yokuqedela amathuba futhi siyazama ukusebenza kulokho.
“Emizuzwini engu-30 yokuqala sakhe amathuba amaningi. Silitholile nethuba lokushaya igoli (ngaphambi kwekhefu) kodwa ngebhadi bese kuyi-offside.
Ebuzwa ngenkinga yokugeja amaphenathi ehlasele iChiefs, uthe: “Iphenathi ungayishaya noma uyigeje. Kumele sincome unozinti.”
IChiefs iyona eqale umdlalo ihlasela ngokuphindelela kucaca ukuthi ifuna ukuwadla luhlaza AmaZulu.
Amakhosi aze athola iphenathi ngenxa yalokhu kuhlasela, kodwa uGlody Lilepo wayibeka ezandleni zikanozinti woSuthu uDarren Johnson.
Lo nozinti uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo njengoba evimbe amagoli amaningi ayingozi abededelwa yiChiefs.
Nokho Usuthu luhlasele kwaba kanye uThandolwethu Ngwenya walingqofela phakathi ngomzuzu ka-21.
Nangemuva kwalokho iChiefs ibisahlasela futhi akumangazanga ngesikhathi uMduduzi Shabalala eshaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-32.
IChiefs bekumele iye ekhefini seyihamba phambili ngegoli likaPule Mmodi kodwa uKhanyisa Mayo wakhetha ukuyoliqedela kungenasidingo esephambili kunabanye abadlali.
Lokhu kumcasule kakhulu uMmodi, osafuna igoli lakhe lokuqala kule sizini, ngoba ibhola belivele liyokhalakathela enethini.
Ngesiwombe sesibili iChiefs ibuye ingasadlali njengakwesokuqala, yahluleka yancama ukuthola igoli lokuwina.
Okwesibili iChiefs idlala ngokulingana yize kade ithole iphenathi emdlalweni.
Kwenzeke okufanayo ngesikhathi ibambana neMarumo Gallants emdlalweni weBetway Premiership ogcine uphele ngo 1-1.
Leli qembu laseNaturena selidlale imidlalo emithathu eFNB Stadium kodwa lathola amaphuzu amabili kuphela.
Ngempelasonto iChiefs inomdlalo onzima njengoba izobhekana neStellenbosch FC kwiLast 16 yeCarling Knockout, eDHL Cape TownStadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

