UMazinyo uchitha umqeqeshi weBucs, uhamba noRulani
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weCape Town Spurs, u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, uthi uhamba noRulani Mokwena ocija iMamelodi Sundowns ukuthi akhale emuke nomklomelo womqeqeshi ovelele wesizini.
UMazinyo uphinde wancoma amagalelo kaSteve Barker, weStellenbosch FC, noSead Ramovic, ocija iTS Galaxy.
“Ngeseka uRulani Mokwena ngokuphelele. Ngisho lokhu ngoba ngikholwa ukuthi i-Orlando Pirates ngokwabadlali isezingeni elifanayo neSundowns,” kusho uMiddendorp.
“Uma unabadlali abahlaselayo abafana noTshegofatso Mabasa, ebhentshini uno-Evidence Makgopa, kanti kusekhona noLucky Lepasa, kodwa ekugcineni usale ngamaphuzu angu-23 kwiSundowns, unakho konke lokho nemali, ngiyaxolisa lokho kuyaphoxa kakhulu.
“Kimina nje uRulani Mokwena nakanjani, akekho omunye. Ngenkulu inhlonipho umsebenzi umuhle kuSteve Barker noSead Ramovic, nabanye abenze kahle.
“Bakhona abambalwa abanye abenze kahle, futhi ungabasho nje ngamagama. Bane, bahlanu noma bayisithupha kodwa uRulani ngokwami uyena okumfanele.”
Umcimbi wokuklomelisa abenze kahle ngesizini esanda kusongwa uzokuba ngoJuni 23, kanti uzovezwa bukhoma kwiSABC 1 neSuperSport TV.