Ubani ozolahla kwiBay neBaroka kowokugcina wokuhlunga?
SIHLE NGUBO
IRichards Bay FC kulele kuyona ukuthi igcine indawo yayo kwiDStv Premiership.
Leli qembu yilona lodwa elingakashaywa emidlalweni yokuhlunga iqembu elizokwenza elika-16 kwiDStv Premiership ngesizini ezayo. INatal Rich Boyz ivule imidlalo yokuhlunga ngokushaya i-University of Pretoria ngo 1-0.
Ngemuva kwalokho ibhekane neBaroka FC emdlalweni ophele ngo 0-0. NgoMgqibelo iBay iyeke ithuba lokuqeda ukuqagela ngesikhathi ibambana neTuks ngo 1-1.
Kulo mdlalo ezikaVusumuzi “Kanu” Vilakazi zike zahamba phambili ngo 1-0 kodwa zabuye zadedela iTuks ukuthi ilinganise.
Umdlalo wokugcina uzoba phakathi kweBay neBaroka FC, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesithathu ngo-3 ntambama. INatal Rich Boyz ingakwazi ukunyukela kwiPremiership ngokudlala ngokulingana neBakgaga.
Ngasohlangothini lweBaroka, enamaphuzu amabili, kumele inqobe umdlalo ngamagoli amabili bese ingavumeli iBay ishaye igoli, ukuze ibuyele kwiPremiership. Kuyazicacela ukuthi lo mdlalo uzoshuba ngoba womabili anethuba lokwenyukela lapho kunoju khona.
Umqeqeshi weBaroka, uMorgan Mammila, ushilo emdlalweni lapho bebambane khona neTuks ngo 1-1, ukuthi bazimisele ngokulwa kowokugcina uma besenalo ithuba.
Ngabe iBay izokwazi ukuhlala kwiPremiership noma iBaroka izonqoba umdlalo wayo wokuqala kweyokuhlunga, bese ibuyela ezweni lobisi?