EzakamuvaIBetway Premiership

Kushone isikhulu esiphezulu eqenjini lePSL laKwaZulu-Natal

SIHLE NGUBO 

IPremier Soccer League (PSL) seyizwakalise ukuzwelana neqembu lebhola laKwaZulu-Natal, iMilford FC, kulandela ukudlula emhlabeni kwesikhulu sayo esiphezulu, uMlibo Pupuma.

Lezi zindaba ezibuhlungu ziqinisekiswe iyona iMilford FC ngoLwesine ekuseni, kanti iPSL seyinqume ukuthi kube nemizuzwana yokuthula ukuhlonipha uPupuma.

“I-PSL iyadabuka ngokudlula emhlabeni kwesikhulu esiphezulu seMilford FC, uMlibo Pupuma,” kusho isitatimende esithunyelwe yiPSL.

“Sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaPupuma ngalesi sikhathi esinzima kangaka.

“Njengendlela yokuhlonipha kuzoba nemizuzwana yokuthula ukumhlonipha emidlalweni yeBetway Premiership, iMotsepe Foundation Championship, neDStv Diski Challenge ngempelasonto.”

UPupuma udlula emhlabeni nje iqembu lenza kahle kakhulu selokhu kuqale isizini ka-2025/2026.

IMilford iyona ezihola phambili kwilogi yeChampionship, ngamaphuzu angu-27 ngemuva kwemidlalo engu-14.

Lokhu kuchaza ukuthi leli qembu laKwaZulu-Natal linethuba elihle lokunyukela kwiBetway Premiership ekupheleni kwesizini, uma liqhubeka nomgqigqo walo omuhle.

Emidlalweni engu-14 iMilford seyonqobe eyisishiyagalombili, yadlala ngokulingana emithathu, yase ishaywa kwemithathu.

NgeSonto iMilford FC kumele ibhekane nePretoria University, eTuks Stadium, ePitoli, ngo-3.30 ntambama.

 

Akwaziwa ukuthi lo midlalo uzoqhubeka njengoba bekuhleliwe yini njengoba sekushone isikhulu saleli qembu.

 

Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship ngempelasonto:

NgoMgqibelo: Highbury v Lerumo Lions (NMU (Madibaz) Stadium, 3.30pm); Gomora United v Cape Town City (Dobsonville Stadium, 3.30pm)

NgeSonto: Pretoria University v Milford FC, Tuks Stadium, 3.30pm); Venda FC v Upington City, 3.30pm)

NgoMsombuluko: Leicesterford City v The News (Lucas Moripe Stadium, 3.30pm)