Ezakamuva

I-Tuks inganyukela kwiPremiership izihlalele ePitoli

SIHLE NGUBO

I-University of Pretoria ingazithola inyukela kwiDStv Premiership izihlalele ePitoli, uma umphumela phakathi kweRichards Bay FC neBaroka FC uvuna yona.

INatal Rich Boyz neBakgaga bazotholana phezulu emdlalweni wokugcina wokuhlunga iqembu elizoyibamba kwiPremiership ngesizini ezayo, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesithathu ngo-3 ntambama.

IBay idinga ukunqoba noma idlale ngokulingana kulo mdlalo ukuze igcine indawo yayo kwiPremiership. IBaroka kumele inqobe ngamagoli amabili kuya phezulu ukuze ibuyele lapho kunoju khona.

Nokho kunesimo esingavuna iTuks yize seyingasabalwa kakhulu kule midlalo. Uma iBaroka inqoba ngo 1-0 lokho kuzobeka iTuks ngaphezu kweBay ngokwamehluko wamagoli. Liyobe seliwele ngelibanzi leli qembu lasePitoli.

I-Tuks seyishaye amagoli amathathu, yadedela amabili, kule midlalo kanti iBay isashaye amabili yadedela elilodwa. Uma kuba ngu 1-0 kunqoba iBaroka izinto zizovuna iTuks enamagoli amaningi.

Okuqaphelekayo kule midlalo ukuthi alikho iqembu elikwaze ukushaya amagoli amabili. Imidlalo yakhona ibiphela ngo 1-0 noma ngo 1-1.

Kuyacaca ke ukuthi kungenzeka noma yini eKing Zwelithini Stadium, futhi womathathu amaqembu asenethuba lokunyukela kwiPremiership.