Ikhilikithi

URabada uthembisa abaseMzansi iNdebe yoMhlaba yeT20

SIHLE NGUBO

INingizimu Afrika isadlale kahle emidlalweni emine yeNdebe yoMhlaba yeT20, eseWest Indies nase-USA.

AmaProteas kuzofanele aqhubeke nomgqigqo ofanayo uma esetholana phezulu nosokhaya i-USA emdlalweni weSuper 8, eSir Vivian Richards Stadium, ngoLwesithathu ngo-4.30 ntambama.

EzaseMzansi zivule kahle kuGroup D zishaya iSri Lanka, yiNetherlands, yiBangladesh neNepal. Zidlulele kwiSuper 8 ngaphambi kokudlala umdlalo wokugcina neNepal eqoqweni lazo.

Okuhlalukayo ngewikhethi e-USA ukuthi ikwenza kube nzima ukubhetha, nokufakazelwa ukuthi amaqembu amaningi ayehluleka ukuhlanganisa ama-run angu-150 kuma-over angu-20.

Nakanjani amaProteas kuzomele agxile ekulungiseni lokho ngoba konke kuhamba kahle uma eshwiba futhi banqaka kahle enkundleni.

Umshwibi wakuleli ohamba phambili, uKagiso Rabada, ukholwa ukuthi banethuba elikahle lokunqoba iNdebe yoMhlaba yeT20 kulokhu.

“Ngikholwa ukuthi sizoyinqoba (iNdebe yoMhlaba yeT20). Esikudingayo ukuthi sibeke imiqondo emdlalweni ngamunye. Akumele ubuke kude kakhulu,” kusho uRabada esithangamini nabezindaba muva nje.

Ngemuva kwalo mdlalo iNingizimu Afrika izobhekana ne-England, eDarren Sammy National Cricket Stadium, ngoLwesihlanu ntambama.