AmaNgisi ayisivivinyo esinzima kumaProteas kweyoMhlaba
SIHLE NGUBO
I-England iyisivivinyo esinzima kwiNingizimu Afrika njengoba seyiya ngokushuba Imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeT20 eseWest Indies nase-USA.
Le midlalo seyifinyelele kwiSuper 8, kanti sekuzocaca abafana emadodeni. Mabili amaqembu azodlulela phambili eqoqweni ngalinye nokuyilapho kuzobe sekudlalwa imidlalo eyandulela owamanqamu.
NgoLwesithathu zisukile kuGroup 2 lapho amaProteas eshaye khona i-USA ngama-run angu-18, kwathi i-England yadlula kwiWest Indies ngamawikhethi ayisishiyagalombili. Lokhu kwenza kushube kakhulu ngaphambi kwemidlalo elandelayo.
INingizimu Afrika izobhekana ne-England eDarren Sammy National Cricket Stadium, ngoLwesihlanu, ngo-4.30 ntambama. Lo mdlalo uzoba nzima kakhulu kumaProteas uma ubheka ukuthi i-England ikwaze ukujaha ama-run angu-181 abebekwe osokhaya (iWindies) ebhodini, yawafica.
AmaProteas akhombise ukubuye abe ntekenteke ngesikhathi eshwiba ebhekene ne-USA, yize ebedlale kahle ebeka ama-run angu-194. Lokhu kumele akulungise ngaphambi komdlalo azowudlala naMaNgisi.
Ukunqoba lo mdlalo kwezika-Aiden Markram, kuzozenza zibeke unyawo olulodwa emidlalweni eyandulela owamanqamu kulo mqhudelwano.
“Sibadedelile babuyela emdlalweni. Bekubukeka sizinqoba kalula ngesikhathi bena-80/4. Kuzomele sikulungise lokho ukuya phambili,” kusho ukaputeni uMarkram ngemuva komdlalo.
Komunye kuzotholana phezulu amaqembu angosokhaya womabili, i-USA neWest Indies, eKensington Oval, ngoMgqibelo ngo-2.30 ntambama. Iqembu elizohlulwa lapha kuzomele likhohlwe ngokudlulela kweyandulela owamanqamu.