Ungabumba iqembu eliphelele ngabayinqwaba abachithwe yiChippa
SIHLE NGUBO
IChippa United ichithe inqwaba yabadlali engeke isabadinga ngesizini ezayo ka-2024/2025, yeDStv Premiership.
Kulaba badlali kukhona nabebebolekisiwe okunguGoodman Moseley, we-Orlando Pirates, noGadinkame Modise weMamelodi Sundowns.
UModise akakaze ayidlalele iSundowns selokhu asayina kuyona ngo-2018. Useke wabolekiswa kwiJDR Stars, yiMaritzburg United, yiM Tigers, yi-All Stars FC neChilli Boys, embuyisela lapho yayimboleke khona.
Omunye umdlali osehlini lwabachithwa yiChippa, uLuvuyo Memela, naye owaduma kwiPirates. Lo mdlali uke wayibamba kuMaZulu nakwiRichards Bay FC.
“Sithanda ukubonga kulaba badlali ngabakwenzele iqembu. Nilethe ukuziqhenya e-Eastern Cape, sinifisela inhlanhla lapho niya khona,” kusho isitatimende seChippa.
“Lesi simemezelo siza nesethembiso sokuthi kuzomenyezelwa abadlali abasha maduze nje. Abalandeli bangalindela ukubona abadlali base-Eastern Cape njengoba siqhubeka nokwakha iqembu eliqinile langesizini ezayo.”
Naba abadlali abangu-16 abachithwe yiChippa: Luvuyo Memela, Roscoe Pieterson, Azola Ntsano, Loydt Kazapua, Siyabonga Nhlapo, Senzo Nkwanyana, Siphelele Luthuli, Darren Johnson, Menzi Ndwandwe, Andile Fakude, Kamohelo Mahlatsi, Diego Apollis, Khanyisile Mayo, Saseko Manona, Yurig Conwood, Andile Mbenyane
Abebebolekisiwe: Goodman Moseley noGadinkame Modise.