Ibhola

U-Rhoo uyamethemba uNabi olindelwe kwiChiefs

Inkakha yeKaizer Chiefs, uLucas “Rhoo” Radebe, ikholwa wukuthi umqeqeshi uNasreddine Nabi, okhonjwa kwiKaizer Chiefs, uzolivusa iqembu libuyelwe yinjabulo yakudala.

Into ekhulunywa ngeChiefs kulezi zinsuku ukuthi kulindwe usuku okukhulu lapho izomemezela uNabi njengomqeqeshi wayo omusha. Kuvela ukuthi leli qembu laseNaturena seliqede konke nalo mqeqeshi, sekusele nje ukuthi afike limethule ngokusemthethweni.

URadebe, owayengukaputeni waMakhosi uthi ibambe ngakho ngokufika kwalo mqeqeshi waseTunisia.

“Eqenjini elikhulu njengeChiefs udinga abadlali abasezingeni eliphezulu. Udinga abadlali abahle ukuze uncintisane neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, bese ubuyela ekudlaleni iCaf Champions League,” kusho uRadebe owayeyibamba kwiLeeds United, e-England.

“Ngicabanga ukuthi uNabi angaba umqeqeshi okahle kakhulu. Nakanjani sizobona ushintsho kwiKaizer Chiefs ngesizini ezayo.

“Ukweseka lo mqeqeshi, ngibona engeke abuyise izinsuku zenjabulo kuphela kodwa nabalandeli ngokunjalo.”

IChiefs sekuphele iminyaka eyishumi yagcina ukunqoba indebe. Ngesizini edlule ibhacaze kakhulu kunakuqala iqeda endaweni yeshumi kwilogi yeDStv Premiership.

“UNabi uzobuyisa ukukholelwa futhi bazofuna ukwenza kahle bancintisane, ngenxa yezimfuno zabalandeli. Ngikholwa ukuthi ukuya phambili bangabathola abadlali abahle, bakhe uhlaka bese benze iqembu libe ngcono. Uma ubuka emuva ezinsukwini zenjabulo zeChiefs, yayinabadlali abasezingeni eliphezulu.”

IChiefs izolibangisa eTurkey ngoJulayi 4 ukuyolungiselela isizini entsha. UNabi angase ethulwe eNaturena ngesonto elizayo njengomqeqeshi weChiefs omusha.