I-Highbury ihlwithe iNjampela iqatha, yanyukela kwiMotsepe Championship
SIHLE NGUBO
I-Highbury FC, yase-Easten Cape, iphuce iNjampela FC, yaKwaZulu-Natal, iqatha emlonyeni iyishaya ngo 2-1 emdlalweni owandulela owamanqamu kwekazwelonke yokuhlunga ye-ABC Motsepe League.
Ukunqoba kweHighbury kusho ukunyukela kwiMotsepe Foundation Championship ngesizini ezayo, nokuyinto esho lukhulu kwabase-Eastern Cape.
Ngasohlangothini lweNjampela lifinyelele esiphethweni iphupho lokunyukela kwiChampionship ngesizini ezayo.
Leli qembu kulifanele ukunqoba uma kubhekwa indlela ohambe ngayo umdlalo. I-Highbury iyona ebeyakha amathuba amaningi okushaya amagoli, futhi ibibukeka iyingozi njalo uma iya phambili.
Lokhu kugcine kuthele izithelo ezinhle ngomzuzu ka-28 ngesikhathi uTsepo Cetywayo eshaya igoli yahamba phambili iHighbury. Ziye ekhefini kungu 1-0.
Ngesiwombe sesibili Abafana Bokuthula benze ushintsho bezama ukuthola igoli lokulinganisa. Ukuhlasela kweNjampela akuzange kuyisize ukuthi ithole igoli kunalokho lingene ngakuyona.
Kube yi-free kick enhle ethathwe uTlhalefang Batsi ekhale phakathi ngomzuzu ka-57, eyenze iqembu lase-Eastern Cape lahamba phambili ngo 2-0.
Ngemuva kwalokho iNjampela ibifika emzini weHighbury kuvalwe amehlo kodwa langavuma ukungena igoli. Amanye amabhola abeshaya ipali esemdlile unozinti.
Igoli lize langena sekuyoshona ilanga ngomzuzu ka-86, kanti lize noNqaba Xulu. Ngaleso sikhathi iHighbury ibisiyibona ingasafuni kuphele zilingana.
I-Highbury izobhekana neKruger United kowamanqamu wale midlalo ngeSonto. Womabili la maqembu azodlala esazi ukuthi azobe eyibamba kwiNational First Division (NFD) ngesizini ezayo.