Ezokusubatha

UManyonga wahubhuza amanga kwithelevishini ngo-R84 million

SIHLE NGUBO

Umdlali owenza i-long jump waseNingizimu Afrika, uLuvo Manyonga, waqamba amanga ohlelweni olubizwa nge-I blew It, mayelana nokuthi yimalini ngempela ayibhubhudla.

Ngemuva kokuthi uManyonga eveze kulolu hlelo ukuthi wabhubhudla u-R84 million, kwaba nokushayisana kwemibono kubantu ezinkundleni zokuxhumana. Abaningi abazange bayikholwe le nto futhi babebuza umbuzo wokuthi wayeyithathephi imali eningi kangaka.

Bakhona ababeyikholwa le nto bezeseka ngokuthi lo mgijimi ngeke ahubhuze amanga kwithelevishini. Nokho usecula iculo elihlukile manje, futhi uyayiphika indaba ka-R84 million.

“Lolu hlelo lwathi ngabhubhudla u-R84 million kodwa leso samba asilona iqiniso. Ngicabanga ukuthi umhleli wakhohlwa ukufaka ikhoma, empeleni kwakungu-R8.4 million,” kusho uManyonga kwi-#Radio2000.

Okushayisa amakhala ngalokhu ukuthi kukhona inkulumo ka-R42 million eyayiphuma emlonyeni wakhe uManyonga. Ngabe usagxeka ‘umhleli’ nekhoma nalapho?

“Izwe langinika u-R250 000 kwathi ngo-2017 ngenza isivumelwano esikhulu neNike sika-R42 million. Ngo-2018 ngaphinde ngathola isamba esicisho sifane,” kusho uManyonga kwi-I blew it.

Ayikho ikhoma angakhala ngayo uManyonga kulokhu. Kuyacaca ukuthi akazange alikhulume iqiniso kulolu hlelo.

Lo mgijimi wanqoba igolide kwiWorld Championship ngo-2017, eLondon, waliphinda futhi ngo-2018 kuma-Commonwealth Games, eGold Coast, e-Australia. Ngaphambi kwalokho wabuya nesiliva kuma-Olympic Games, eRio de Janeiro, eBrazil, ngo-2016.

“Njengamanje anginalutho. Ngithembele ku-R350 kamengameli uCyril Ramaphosa,” kuqhuba uManyonga kwiRadio 2000.

“Ngihlala eQueenstown no-anti wami. Ngiyiqala kabusha impilo yami. Okungasenani uyangithanda yize ngingenalutho. Siyabambisana kulo R350.

“Ngiyajabula ukuthi ngiyinxusa le-@ClinixHealthSA ukuze ngexwayise mayelana nokusetshenziswa kwezidakamizwa. Ngikholwa ukuthi ngokuxoxa udaba lwami ngingasiza nabanye. Ngisesimeni esihle manje.”

UManyonga, oneminyaka engu-33 manje, uke wamiswa ngenxa yokutholakala kwezidakamizwa ezingavunyelwe emzimbeni wakhe, ngo-2012. Ubuyile ngo-2016 wawina isiliva kuma-Olympic eBrazil.

Ngo-2021 kuphinde kwabikwa ukuthi umisiwe futhi ngenxa yokuthi wageja izinsuku zokuyohlolelwa izidakamizwa ngo-2019 nango-2020, wamiswa iminyaka emine. Nokho uthembise ukuthi uzovuka azithathe.

“Isigwebo sami seminyaka emine siyaphela ngoDisemba. Ngihlele ukuvuka ngizithathe, ngibe yingxenye ye-World Champs ngonyaka ozayo.

“Ngifuna ukubuyisa isicoco sami somhlaba. Okwamanje ngizobe ngiqeqesha i-long jump eQueens, bese ngibuyela ekuziqeqesheni kungekudala.”

UManyonga uzophuthelwa ama-Olympic aseParis, eFrance, ngo-Agasti nonyaka. NgoJanuwari wonyaka ozayo uzohlanganisa iminyaka engu-34.