Kubhekwe umnyakazo weChiefs ngowayigqobha waqoma iDowns
SIHLE NGUBO
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, ukuveze ngendlela ebingalindelekile ukuthi u-Abubeker Nassir akaseyena umdlali waleli qembu.
UNassir usayine kwiSundowns ngo-2022 esuka kwi-Ethiopian Coffee, edlala kwi-Ethiopian League. Ngaleso sikhathi wayedlale kahle kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eyayiseCameroon, eseqenjini lesizwe lase-Ethiopia.
Lo mdlali, oneminyaka engu-24, wayekade efunwa uthuli yiKaizer Chiefs ngemuva kokuhlohla amagoli angu-29 emidlalweni engu-22, eqenjini lakhe. Nokho wagcina ephelele eChloorkop.
UMokwena uveze ukuthi akasabuyeli kwiSundowns uNassir.
“Abantu abaningi bangibuza ngo-Abubeker Nassir, ngabe uyabuya? Akayena umdlali weSundowns ngakho angifuni ukukhuluma ngaye,” kusho uMokwena kwiPowerFM.
“Akabhalisiwe njengomdlali weSundowns. Nakanjani bengingathanda ukugcina uBongani Zungu.
“Njengoba bengingathanda ukugcina uCassius Mailula futhi bengingathanda ukugcina uHaashim Domingo. Ngesinye isikhathi empilweni awukutholi lokhu okufisayo, lokho kuyisimo esihlale sinjalo.
“Ebholeni lokhu kwenzeka kakhulu kodwa kumele uqhubekele phambili. Uthando enginalo lomdlali ngamunye kwiSundowns alulugqibi uthando enginalo lweqembu.”
Umbuzo omkhulu owokuthi kanti kwenzekani kuZungu neSundowns njengoba uMokwena ethi ubefisa ukumgcina. Omunye owokuthi ngabe iChiefs izomthatha yini uNassir owayichizela waqoma ukuya kwiSundowns.
Lo mdlali wase-Ethiopia udlale imidlalo emithathu kuphela, ngesizini edlule, egqoke imibala yaleli qembu laseChloorkop.