AmaBoks aphinde ‘abhabhadisa’ iWallabies emvuleni ePerth
SIHLE NGUBO
INingizimu Afrika iphinde yayithela induku i-Australia iyibhabhadisa ngo 30-12 emdlalweni weCastle Lager Rugby Championship, e-Optus Stadium, ePerth, ngoMgqibelo.
Kulo mdlalo iWallabies ayikwazanga nokuthola neyodwa itry, kanti amaBhokobhoko ashaye amane, athola nephuzu lebhonasi.
I-Australia iyona ehambe phambili kuqala ngomzuzu wesithathu ngephenathi kaNoah Lolesion. AmaBhokobhoko aze abeka amaphuzu ebhodini ngomzuzu ka-16 ngephenathi kaSacha Mngomezulu.
Ngomzuzu ka-17 u-Aphelele Fassi ushaye itry ngemuva kokuthola enhle iphasi ivela kuMakazole Mapimpi. Ngemuva kwamaphenathi nhlangothi zombili ziye ekhefini amaBhokobhoko ehamba ngo 11-9.
INingizimu Afrika isiqale kahle kakhulu isiwombe sesibili ishaya itry eze noMarco van Staden ngomzuzu ka-43. Ngoka-46 iWallabies iphendule ngephenathi kaNoah Lolesion kwaba ngu 18-12.
Ngemuva kwalokho kwehle imvula enamandla nokwenze ukuthi kungadlaleki kahle kuwona womabili amaqembu. UMalcolm Marx ushaye itry yesithathu yezivakashi kwacaca ukuthi amaBhokobhoko azoyiphinda iWallabies. Uwuqedelile umsebenzi uMarx ngomzuzu ka-73 eshaya itry yakhe yesibili neyesine yamaBhokobhoko.
Ukunqoba kweqembu lakuleli kwenza lihlale esicongweni ngamaphuzu ayishumi kwilogi yeRugby Championship njengoba yomibili imidlalo eliyidlale ne-Australia liyinqobe lathola amaphuzu ebhonasi. Kungokokuqala ukuthi amaBhokobhoko ashaye i-Australia kathathu kulandelana kusukela ngo-1992.
Komunye umdlalo iNew Zealand igugise i-Argentina ngo 42-10. I-All Blacks ibiziphindiselela ngemuva kokushaywa yiPumas ngempelasonto edlule.