Ukhona owayemazi u-Ertugral ngaphambi kokufika kwiChiefs?
SIHLE NGUBO
Ngesikhathi efika kwiKaizer Chiefs ngo-1999, uMushin Ertugral, akekho owayemazi eNingizimu Afrika, futhi naye ngabe usenga ezimithiyo uma ethi wayazi lukhulu ngaleli qembu laseNaturena.
Lo mqeqeshi wanikwa ithuba lokwazana nabadlali, ukujwayela usiko lweChiefs nokuqonda nje ibhola laseNingizimu Afrika. Izinto zagcina zihlangene njengoba ahlala kuMakhosi kwaze kwaba u-2003.
Kuyamangaza nokho ukuzwa u-Ertugral sekuyinto ayibukela kude ukuthi umqeqeshi uyafika eqenjini engalazi kodwa agcine elenza lidlale ibhola elihle, anqobe nezindebe nalo.
Muva nje lo mqeqeshi usanda kuveza ukuthi iChiefs izozisola ngokuqasha uNasreddine Nabi waseTunisia, okulindeleke ukuthi ethulwe yileli qembu maduze.
“Angisiqondi isidingo sokuthi iChiefs inake umqeqeshi engazi lutho ngaye uNabi, ekhona uPitso Mosimane engaqashiwe. Futhi akakufihli ukuthi wakhula elandela iChiefs,” kusho u-Ertugral.
“Ukuthula kweChiefs kuyihlazo ngoba abenzi njengeqembu elithathwa njengelikhulu. Konke abakwazi ngalo mqeqeshi (uNabi) yinto abayizwa ngabezindaba, kodwa bayawazi kahle amagalelo kaMosimane.”
U-Ertugral, waseTurkey, walandwa yiChiefs ingamazi kangakho kodwa yayimethemba ukuthi uzowenza umsebenzi eNaturena. Mhlawumbe naye kubalulekile ukuthi anike uNabi ithuba ngaphambi kokumehlulela.